Uma isiphakamiso ngeMaths siphasa kuzolimaza izingane
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usucele umphakathi uphawule ngesiphakamiso esithi abafundi abafunda amabanga angaphansi kukaGrade 9 nabo akusamele baphase iMaths ukuze badlulele phambili.
Isiphakamiso sithi inqobo nje uma bephase izifundo ezine ngo-40% okukhona kuzo nolimi lwebele bese bephasa nanoma ngabe yiziphi ezine ngo-30%, bangadlulela ekilasini elilandelayo.
Vele njengamanje, abafundi abafunda uGrade 10 kuya ku-12 yiyona ndlela abaphasiswa ngayo le. Kusukela kwaGrade 10 akuyona impoqo ukufunda iMaths.
Kwawona la mamaki okuphaswa ngawo kwaGrade 10 kuya ku-12 ayakhalisa futhi umonakalo awenzayo uyabonakala njalo uma kuphuma imiphumela ka-matric njengoba indlela izingane eziphasa ngayo ikakhulukazi ezikoleni zethu thina bantu abamnyama ingagculisi.
Empeleni ukugqugquzela izingane ukuthi zingakukhuthaleli noma zingazihluphi ngeMaths kusho ukuthi ikusasa lezwe lethu uma kukhulunywa ngamakhono limfiliba.
Abantu abafunde iMaths bavama ukuqhubeka babe ngabantu abakwazi ukusungula izinto okuyinto edingekayo ezweni ngoba kudingeka imisebenzi futhi isikhathi esiphila kusona sobuxhakaxhaka bobuchwepheshe sidinga ongoti beMaths. Yikusasa lengane yomnyama elizomosheka.
Kwenziwa yini ukuthi uhulumeni omnyama kube yiwona ogqugquzela ukuthi abantu bangasebenzeli ukwenzisisa izinto futhi baphase ngamalengiso?
Yini ndaba uhulumeni omnyama agqugquzele ukuthi izingane ezimnyama zingazimiseli? Yebo, akuwona wonke umuntu ozokwenza iMaths futhi akuyona yonke imikhakha edinga iMaths kodwa imikhakha eminingi iyayidinga futhi akufanele ngabe kwenziwa lula ukuthi abantu bayiyeke.
Njengoba kuyinkinga kumanje ukuthi kuno27% wabantu abangasebenzi, uma sekuzokwanda nabantu abaphasayo nje ngamamaki angatheni, begcina icala, bazoqashwa ngubani, kephi?
Umthetho wakhona, ingabe lo hulumeni uyazifuna izakhamuzi ezizozimela, zisebenze, zilekelele ukufukula umnotho noma ufuna abantu abazohlale bethembele kwizibonelelo zikahulumeni ukuze bezohlale bewuvotela?