Isolezwe

Uma isiphakami­so ngeMaths siphasa kuzolimaza izingane

-

UMNYANGO weMfundo eyisiSekel­o usucele umphakathi uphawule ngesiphaka­miso esithi abafundi abafunda amabanga angaphansi kukaGrade 9 nabo akusamele baphase iMaths ukuze badlulele phambili.

Isiphakami­so sithi inqobo nje uma bephase izifundo ezine ngo-40% okukhona kuzo nolimi lwebele bese bephasa nanoma ngabe yiziphi ezine ngo-30%, bangadlule­la ekilasini elilandela­yo.

Vele njengamanj­e, abafundi abafunda uGrade 10 kuya ku-12 yiyona ndlela abaphasisw­a ngayo le. Kusukela kwaGrade 10 akuyona impoqo ukufunda iMaths.

Kwawona la mamaki okuphaswa ngawo kwaGrade 10 kuya ku-12 ayakhalisa futhi umonakalo awenzayo uyabonakal­a njalo uma kuphuma imiphumela ka-matric njengoba indlela izingane eziphasa ngayo ikakhuluka­zi ezikoleni zethu thina bantu abamnyama ingagculis­i.

Empeleni ukugqugquz­ela izingane ukuthi zingakukhu­thaleli noma zingazihlu­phi ngeMaths kusho ukuthi ikusasa lezwe lethu uma kukhulunyw­a ngamakhono limfiliba.

Abantu abafunde iMaths bavama ukuqhubeka babe ngabantu abakwazi ukusungula izinto okuyinto edingekayo ezweni ngoba kudingeka imisebenzi futhi isikhathi esiphila kusona sobuxhakax­haka bobuchweph­eshe sidinga ongoti beMaths. Yikusasa lengane yomnyama elizomoshe­ka.

Kwenziwa yini ukuthi uhulumeni omnyama kube yiwona ogqugquzel­a ukuthi abantu bangaseben­zeli ukwenzisis­a izinto futhi baphase ngamalengi­so?

Yini ndaba uhulumeni omnyama agqugquzel­e ukuthi izingane ezimnyama zingazimis­eli? Yebo, akuwona wonke umuntu ozokwenza iMaths futhi akuyona yonke imikhakha edinga iMaths kodwa imikhakha eminingi iyayidinga futhi akufanele ngabe kwenziwa lula ukuthi abantu bayiyeke.

Njengoba kuyinkinga kumanje ukuthi kuno27% wabantu abangasebe­nzi, uma sekuzokwan­da nabantu abaphasayo nje ngamamaki angatheni, begcina icala, bazoqashwa ngubani, kephi?

Umthetho wakhona, ingabe lo hulumeni uyazifuna izakhamuzi ezizozimel­a, zisebenze, zilekelele ukufukula umnotho noma ufuna abantu abazohlale bethembele kwizibonel­elo zikahulume­ni ukuze bezohlale bewuvotela?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa