Isolezwe

Savelelwa wukugqigqa enkantolo ingasikhok­heli imali yesondlo

-

Buzokwakhe EMELMOTH MHLELI: Ngithanda ukuzwakali­sa ukubonga nokugqugqu­zela ingosi kaMakhoba ephepheni lakho. Imibono yakhe iqinile, iyakha futhi iyasikhuth­aza njengesizw­e. Indaba yobudoda nokuthi inkunzi isemathole­ni ingithinte kakhulu.

Ngicela udlulise ukubonga kuMakhoba ngokuzinik­ela kwakhe ekwakheni nokubuyisa­na njengesizw­e. Themba Mathaba ETHEKWINI MHLELI: Ngicela ukuzwakali­sa ukungaphat­heki kahle kwami mayelana nesimo sokukhokhe­leka kwemali yesondlo sabantwana ezinkantol­o. Kubuhlungu okwenzeka enkantolo yaseSikhal­eni. Imali yenyanga uze uyithole ngenyanga elandelayo. Ufona uze uphelelwe yimali ubuzana nemali yengane. Abayisweli into abazoyisho­yo, usuku nosuku banento abavika ngayo.

Ngisho abahola phakathi nenyanga bakhala esifanayo. Kuhola abesibonel­elo kuze kuphele izinsuku zokuhola lutho eyesondlo. Indlela labo sisi abasebenza ngayo ayigculisi, sekungathi le mali siyicela kubo, noma yimali kaHulumeni esiyiphiwa­yo.

Le mali ufike uyilwele kuyise wengane engafuni ukondla ugcine sewuyihamb­ela inkantolo, nakhona futhi uhlangabez­ane nenkinga yabantu abangafuni ukusebenza ngendlela. Kwathiwa asihole emabhange kodwa kuyafana, nalapho ulinda ukhathale. Uthola ukuthi le mali seyifikela ezikweleti­ni ngoba sinabantwa­na bayagibela beya ezikoleni. Ugcina sewungena esikweleti­ni utsheleka imali ukuze umntwana aqhubeke nokuya esikoleni. Ngikhuluma ngento esiyenzeke kaningi kumina. Ngigqigqe enkantolo kwaphela izinyanga ezimbili ngifuna ukukhokhel­wa. Usuku nosuku bebefika basho izinto ezihlukene. Ngelinye ilanga bakutshela ngemishini engasebenz­i, i-network engekho nokunye.

Ngasizwa wukuze ngikhulume nomphathi wakhona. Bebelokhu bekhuluma into eyodwa bethi imali ikhona kodwa balinde i-schedule. Ngathi ngifona ngakusasa bekade bengitshel­e nge-schedule base bethi bayayiguny­aza

Kuningi engingakub­ala ababekusho ngale nto eyenziwa wosisi bakuleya nkantolo. Abasazi nokuthi siyini. Le mali kusuke kungeyezin­gane ayidliwa wonina uma kuwukuthi balwa isikhwele sayo.

NgoMeyi yangena ngisuka khona sekuphele amasonto amabili. NgoJuni kwenzeka okufanayo. Ngabonywa nawumphath­i wabo ngathola ukusizakal­a.

Okwangicac­ela wukuthi le nto bayenza ngamasibom­u. Into engayibona ehamba phambili yizindaba qha, bazikhinin­da behubulaza amatiye.

Mhleli ngiyafisa nokuthola ungqongqos­he obhekelene nokukhokhe­leka kwemali esuka enkantolo asisize. Le mali isuke iphuma emisebenzi­ni yoyise bezingane zethu. Okwenzeka eSikhaleni nokwabanye, okucikayo bayeyisa nabasebenz­i bakhona. Bayakhombi­sa ukuthi kabanandab­a nakhu phela bona kabanangan­e abayiholel­a isondlo.

Ngidiniwe khakhulu yisenzo sabaseNkan­tolo yemantshi eSikhawini, uma labo sisi bengasawud­ingi umsebenzi abadede kungene abanye. Asikwazi ukuhluphek­ela imali kanjena, inkampani ibe iyikhokha bese izobambeka enkantolo yabantu abangafuni ukwenza umsebenzi ngendlela efanele.

Nakule nyanga sobe sikhala sona lesi sililo sokugqigqa enkantolo. Sekwanele sidlulwa abesibonel­elo, bahlelekil­e. Sidlala amantombaz­ane ngoba ehleli namakhompy­utha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa