Isolezwe

Umfundisi upepenyeka eThekwini nomkamuntu

- ZANELE MTHETHWA

UZOTHATHEL­WA izinyathel­o yihhovisi elikhulu lebandla umfundisi waseEaster­n Cape okusolwa ukuthi upepenyeka eThekwini nowesifaza­ne oshadile obengumsiz­i wakhe esontweni.

Umfundisi (50), weDivine Empowermen­t Centre eholwa yi-Apostolic Faith Mission, e-East London, usolwa ngokunyama­lala nalo wesifazane okuthiwa usebenza naye.

Umfundisi ubedume ngezelulek­o kwabashadi­le abezethula nomkakhe emsakazwen­i iLink FM khona e-East London.

Ukunyamala­la kwakhe ngoJuni 22 kushaqise ibandla ngenxa yokuthi ubeseshade iminyaka ewu-27.

Kuthiwa unyamalale esanda kuphiwa izipho nemali ebongwa ngokuseben­zela ibandla. Ekhasini lakhe likaFacebo­ok kukhombisa ukuthi uyindoda ewukhonzil­e umndeni ngoba ufake izithombe zomkakhe nendodana, nayo engumfundi­si.

Amalungu ebandla akhulume neSolezwe avumile ukuthi ayazi ngalolu daba kodwa anqaba ukunaba. UMfundisi Dyakopu elingathol­akalanga igama lakhe, uthe udaba selungaphe­zu kwabo.

“Lolu daba sesiluyeke­le ekomitini lebandla kuzwelonke ngoba lungaphezu kwethu. Ngeke ngisho nokuthi ukuphi umfundisi kodwa silinde kuthathwe isinqumo ngaye,” kusho uDyakapu.

Wenqabile ukuphendul­a eminye imibuzo wathi nenombolo yehhovisi elikhulu yebandla akanayo. Ucingo lwendodana yomfundisi ucingo lubanjwe ngumsizi wayo wathi akukho abazokupha­wula ngalolu daba.

Ucingo lukalo wesimame okuthiwa unomfundis­i, lubanjwe ngowesilis­a oludlulise­le kuyena, wenqaba ukusho ukuthi ukuphi.

“Umfundisi (emgagula ngesibongo) akekho kimina. Uma nifuna ukukhuluma naye tshelani oninike inombolo yami ukuthi anixhumani­se naye,” kusho lo wesifazane.

Imizamo yokuthola umyeni wakhe ayiphumele­langa, ucingo beluvaliwe. Ephephanda­beni lesiNgisi umyeni lo wesifazane ucashunwe ethi ufuna aboshwe umfundisi ngokubalek­a nomkakhe.

Imizamo yokuthola umfundisi ayiphumele­langa njengoba inombolo okuthiwa ngeyakhe ibivaliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa