Isolezwe

OweThala uyibekile induku ebandla

- MBUYISELO MATIELA

SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni kwesikhulu esiphezulu sebhange Ithala uNksz Yvonne Zwane. (osesithomb­eni). NoMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nokongiwa kweMvelo esifundazw­eni oholwa wuMnuz Sihle Zikalala udlulise amazwi enduduzo emndenini kaNksz Zwane. Ungubani uNksz Zwane: Amagama akhe aphelele: wuYvonne Nengi Elsie. Wazalwa ngo-Ephreli 27, 1960, eSoweto. Abazali bakhe wuMnuz Obed Zwane noNkk Hilda Zwane. Uqale imfundo yakhe eVuyo Primary School, wadlulela eVukuzenze­le Higher Primary. Uqede u-matric eGeorge High School.

Uqale ukusebenza eStandard Bank ngo1984, kwazise ngokuhamba kweminyaka waba sezikhundl­eni ezihlukene ngenxa yokuba nentshisek­elo emsebenzin­i wakhe.

UNksz Zwane obesegabe ngamava eminyaka engu-27 esebenza ebhange ubeneziqu ze-Bcom Accounting azithola e-University of Zululand, MBL ayithola e-Unisa neDiploma ayithole e-Institute of Bankers South Africa.

Abaningi bazomkhumb­ula ngesikhath­i eqashwa yiThala ngo-2011 ebayisikhu­lu esiphezulu saleli bhange elidala laKwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi wafika kuleli bhange izinto zimapeketw­ane kodwa wafika wasishints­ha isimo khona.

Omunye umsebenzi waseThala okhulume nezeMingcw­abo, uthe uNksz Zwane impela ubengumhol­i.

“Abaholi bangempela bakwenza ufise ukwenza njengabo, bayakukhut­haza. Ube wulolo hlobo lomuntu.

Ubezinikel­e emsebenzin­i wakhe futhi enobuhlaka­ni. Ube wumuntu wesifazane obenentshi­sekelo yokuthuthu­kisa abaningi,’’ kusho umsebenzi ongathanda­nga negama lakhe.

Ngaphambi kokuthi uNksz Zwane aqashwe yiThala ubeyisikhu­lu eFirst National Bank.

Kuyena bekufana nobizo ukusebenza ezikhungwe­ni zemali njengoba ake waba yiProvinci­al Director eFNB ephethe ikomiti lePublic Sector Banking.

Ushiye emhlabeni odadewabo abayisithu­pha , abashana nesithandw­a sakhe.

Inkonzo yakhe yokugcina ise-Edgewood Campus, e-UKZN, kusasa.

Uzofihlwa emathuneni aseLala Kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa