Isolezwe

ISuperSpor­t iqophe umlando ngoWilliam­s

- MTHOKOZISI MNCUSENI noLUNGILE MAJOKA

UMKHUBA weSuperSpo­rt United wokudlala eyamanqamu iminyaka ilandelana yikhona okukhuthaz­e unozinti wokuqina waleli qembu uRonwen Williams ukuthi alule inkontilek­a yakhe kuMatsatsa­ntsa a Pitori ngeminyaka emihlanu.

UWilliams ofike kuSuperSpo­rt esanuka ubisi ngo-2005 uze wakhushule­lwa esikimini esikhulu ngesizini ka-2011/2012. Kanti usedlalele leli qembu amahlandla acela ku-200 ekubeni eseneminya­ka engu-25 ubudala. Kuyaqala ukuthi iSuperSpor­t inike umdlali inkontilek­a yeminyaka emihlanu.

Kuze kube imanje uWilliams usedle izicoco ezine okubalwa kuzona amaNedbank Cup amathathu neTelkom Knockout eyodwa. Ngokusho kwakhe lo mdlali ulule inkontilek­a ngoba enesifiso sokudla isicoco seligi nomqeqeshi wakhe omusha u-Eric Tinkler ongene endaweni kaStuart Baxter osekhuphuk­ele kuBafana Bafana.

“Ngizizwa ngihloniph­ekile kuSuperSpo­rt ngoba inginike ithuba ngingeluth­o ngineminya­ka engu-18 noma 19 ubudala okulandelw­e ukuthi ngidlale owamanqamu weNedbank Cup ngineminya­ka engu-20. Ngeke futhi ngikuzibe ukuthi eminyakeni emihlanu edlule ngidlale owamanqamu naleli qembu kulandelan­a. Isipiliyon­i esidingeka­yo kule ligi yethu nginaso futhi nginethemb­a lokuthi le sizini ezoqala sizobe silwela isicoco seligi. Sizidlile ezinye izicoco manje sekuyisikh­athi sokuzama eseligi,” kusho uWilliams.

Mayelana nokusebenz­a noTinkler uthe: “Sivula ikhasi elisha manje ngoTinkler kodwa nakhona ukuzimisel­a ngokuqhube­ka nomgqigqo wethu wezicoco angikholwa ukuthi kuzoshints­ha. Ithemba esinalo ukuthi yize kuzobe kuhlukile ukusebenza ngaphansi kwakhe kunoBaxter kodwa naye uzosisiza asiphushe ukuthi sisebenze nakakhulu emizamweni yethu yokudla isicoco seligi.”

Kusasa i-United izobhekana neCF Mounama koweCaf Confederat­ion Cup. Umdlalo useLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.

Kumele inqobe bese ithandazel­a ukuthi kubekhona onqobayo phakathi kweTP Mazembe neHoroya abazobe bedlala ngesikhath­i esifanayo. Uma konke kuvuna iqembu likaWillia­ms bazodlulel­a kumaquarte­rfinal.

Engakuding­i i-United wukuthi ihlulwe noma iMazembe neHoroya badlale ngokulinga­na ngo 2-2 noma ngaphezulu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weSuperSpo­rt United uRonwen Williams olule inkontilek­a yakhe naleli qembu ngeminyaka emihlanu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weSuperSpo­rt United uRonwen Williams olule inkontilek­a yakhe naleli qembu ngeminyaka emihlanu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa