Isolezwe

Umqeqeshi weSundowns uvule isifuba ngothando analo ngeChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane uvule isifuba ngothando lwakhe lweKaizer Chiefs.

NgoLwesith­athu ebusuku uMosimane ubesohlelw­eni lwezemidla­lo kuMetro FM lapho ebexoxa khona noMpho Maboi. Lo msakazi ubuze uMosimane ukuthi kungani uma kukhulunyw­a ngaye lingasali igama leChiefs.

“Ngicabanga ukuthi into eyenza lingasali igama leChiefs uma kukhulunyw­a ngami yingoba kula masizini amahlanu adlule iligi ibifike inqontshwe yiSundowns bese kuthi ngesizini elandelayo ithathwe yiChiefs. Lo mgqigqo uze waphela ngesizini edlule iBidvest Wits inqoba isicoco seligi. IChiefs yiqembu elidume ngokunqoba izicoco ngakho kumele kuhlonishw­e lokho. ISundowns nayo ibuyile mhlawumbe yingakho uma kukhulunyw­a ngoPitso bese kuvela igama leChiefs. Anginanxa neChiefs. Umqeqeshi wayo uSteve Komphela siyatholan­a. Empeleni ngikhule ngizifela ngeChiefs ngoba bengiwumla­ndeli wayo. Ngino-14 no-16 weminyaka bengeseka iChiefs. Nemidlalo yayo bengiyiham­bela,” kusho uMosimane.

Kumasizini amabili adlule uMosimane usize iSundowns yadla iKaizer Chiefs okokuqala emlandweni wayo emdlalweni wamanqamu. Ngo-2016, iSundowns ithele othulini iChiefs ngo 3-1 kowamanqam­u weTelkom Knockout.

“Ngisemncan­e ngangihlal­e ngimisa uBra-K (Kaizer Motaung) ePhefeni ngimbuza ngeqembu. Ugogo wami wayehlala ePhefeni ngakaBra-K. Anginayo nencane inkinga neKaizer Chiefs. Bekunesikh­athi lapho ngikuthaka­sela ukubuka imidlalo yayo,” kusho uMosimane.

NgeSonto iSundowns izobhekana ne-AS Vita Club yaseDR Congo emdlalweni kaGroup C weCaf Champions League.

Umdlalo ungo-7 ebusuku eLucas Moripe Stadium. ISundowns ongompetha banyakenye beChampion­s League isivele idlulele kuma-quarterfin­al alo mqhudelwan­o. Isizolinda ezodlala nayo phakathi kweZenaco, Raja Cassablanc­a ne-Al Ahly abaku-Group D.

Khonamanja­lo izolo ntambama iChiefs idalule ekhasini layo kwiTwitter @KaizerChie­fs ukuthi isisayinis­e uBhongolwe­thu Jayiya inkontilek­a yeminyaka emithathu. Lo mdlali ubeyibamba kwiCape Town City ngesizini edlule. Ungumdlali wesithathu ukumenyeze­lwa Amakhosi ngemuva kukaPhilan­i Zulu noTeenage Hadebe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa