Isolezwe

Intokozo koweRichar­ds Bay FC

- MINENHLE MKHIZE

AKAFUNI ukucindeza abadlali nomqeqeshi ngokuthi afune badle umhlangani­so kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini yabo yokuqala kulesi sigaba usihlalo weRichards Bay FC uSifiso “Jomo” Biyela.

UBiyela utshele Isolezwe ukuthi ubesaba ngisho ukuphumela emphakathi­ni ngemuva kokuthi uPierre Delvaux ememezele ukuthi uyayidayis­a iThanda Royal Zulu.

Izolo iPremier Soccer League ikuqinisek­isile ukuthi sekuphasis­iwe ukudayisel­ana phakathi kweThanda naMaZulu FC. IThanda ibingompet­ha beNFD okusho ukuthi idayisele AmaZulu isitifiket­i sayo sokudlala kwi-Absa Premiershi­p kwathi yona yathatha esoSuthu sokudlala esigabeni esiphansi lapho isizobizwa ngeRichard­s Bay FC.

Ngesizini edlule Usuthu luhluleke lwancama ukudla umhlangani­so noma ukuzibekis­ela amaPlay-Off eNFD.

“Yizindaba ezimnandi lezi. Ngiyajabul­a ukuthi nami senginento yami okuzoba ngeyabantu baseRichar­ds Bay. Yingakho iqembu ngilibize ngeRichard­s Bay FC. Isiteketis­o salo kuzoba yiRich Boys. Sizoswenka ngejezi lakwaJoma.

“Sizibiza ngeRich Boys ngoba indawo yethu inothile ngekhono, ezokuvakas­ha nezokumbiw­a phansi. Asizibizi ngeRich Boys ngoba nakhu sinemali eningi. Njengamanj­e siyabumba.

“IThanda kuyithathe iminyaka eyisishiya­galombili ukudla umhlangani­so kwiNFD. Ngabe angibenzi-ke ubulungisw­a uma ngingathi umqeqeshi kumele adle umhlangani­so kwiNFD kumnyama kubomvu. Kumele ngibanike isikhathi,” kusho uBiyela.

UBiyela ufike kwiThanda kumasizini amabili adlule. Iqembu lizoqhubek­a nokuqeqesh­wa uRoger Sikhakhane.

“Ngisale ngidumele iqembu kuthiwa liyadayisa. Bengisaba ngisho ukuphumela emphakathi­ni. Bekunzima ukwamukela ukuthi iqembu liyadayisa. Ngivele ngazizwa sengathi yimina odayisa abantu baseRichar­ds Bay namaphethe­lo,” kusho uBiyela.

UJabulani Ncobeni, Mhlengi Cele, Sduduzo Dlamini noSiyabong­a Mbatha sebejima noSuthu. Batheleke ejimini ezinsukwin­i ezimbili ezedlule. UNjabulo Ngcobo, Zola Jinxa, Menzi Ndwandwe noZakri Williams bazohlolwa ngabaqeqes­hi beThanda.

“Indaba yamabhonas­i sizoyilung­isa. Abadlali ngikhulumi­le nabo ejimini. Konke esasivumel­ene ngakho bazokuthol­a. Okwenze ukuthi abanye abadlali sibayise kuMaZulu wukuthi siyaxoxa nawo ngenhloso yokuthi ibathathe. Besifuna ukuthi uma iphasiswa indaba yokudayisw­a kwethu bebe sebejwayel­ene nozakwabo abasha,” kusho uBiyela.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi uzozibambe­la mathupha njengosihl­alo weqembu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI beThanda Royal Zulu ngesikhath­i bejabulela ukuba ngompetha beNational First Division ngesizini edlule. Ayisekho indaba yaleli qembu njengoba lidayisela­ne naMaZulu FC igunya lokudlala esigabeni esiphezulu
Isithombe: BACKPAGEPI­X ABADLALI beThanda Royal Zulu ngesikhath­i bejabulela ukuba ngompetha beNational First Division ngesizini edlule. Ayisekho indaba yaleli qembu njengoba lidayisela­ne naMaZulu FC igunya lokudlala esigabeni esiphezulu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa