Intokozo koweRichards Bay FC
AKAFUNI ukucindeza abadlali nomqeqeshi ngokuthi afune badle umhlanganiso kwiNational First Division (NFD) ngesizini yabo yokuqala kulesi sigaba usihlalo weRichards Bay FC uSifiso “Jomo” Biyela.
UBiyela utshele Isolezwe ukuthi ubesaba ngisho ukuphumela emphakathini ngemuva kokuthi uPierre Delvaux ememezele ukuthi uyayidayisa iThanda Royal Zulu.
Izolo iPremier Soccer League ikuqinisekisile ukuthi sekuphasisiwe ukudayiselana phakathi kweThanda naMaZulu FC. IThanda ibingompetha beNFD okusho ukuthi idayisele AmaZulu isitifiketi sayo sokudlala kwi-Absa Premiership kwathi yona yathatha esoSuthu sokudlala esigabeni esiphansi lapho isizobizwa ngeRichards Bay FC.
Ngesizini edlule Usuthu luhluleke lwancama ukudla umhlanganiso noma ukuzibekisela amaPlay-Off eNFD.
“Yizindaba ezimnandi lezi. Ngiyajabula ukuthi nami senginento yami okuzoba ngeyabantu baseRichards Bay. Yingakho iqembu ngilibize ngeRichards Bay FC. Isiteketiso salo kuzoba yiRich Boys. Sizoswenka ngejezi lakwaJoma. Sizibiza ngeRich Boys ngoba indawo yethu inothile ngekhono, ezokuvakasha nezokumbiwa phansi. Asizibizi ngeRich Boys ngoba nakhu sinemali eningi. Njengamanje siyabumba. IThanda kuyithathe iminyaka eyisishiyagalombili ukudla umhlanganiso kwiNFD. Ngabe angibenzi-ke ubulungiswa uma ngingathi umqeqeshi kumele adle umhlanganiso kwiNFD kumnyama kubomvu. Kumele ngibanike isikhathi,” kusho uBiyela.
UBiyela ufike kwiThanda kumasizini amabili adlule. Iqembu lizoqhubeka nokuqeqeshwa uRoger Sikhakhane.
“Ngisale ngidumele iqembu kuthiwa liyadayisa. Bengisaba ngisho ukuphumela emphakathini. Bekunzima ukwamukela ukuthi iqembu liyadayisa. Ngivele ngazizwa sengathi yimina odayisa abantu baseRichards Bay namaphethelo,” kusho uBiyela.
UJabulani Ncobeni, Mhlengi Cele, Sduduzo Dlamini noSiyabonga Mbatha sebejima noSuthu. Batheleke ejimini ezinsukwini ezimbili ezedlule. UNjabulo Ngcobo, Zola Jinxa, Menzi Ndwandwe noZakri Williams bazohlolwa ngabaqeqeshi beThanda.
“Indaba yamabhonasi sizoyilungisa. Abadlali ngikhulumile nabo ejimini. Konke esasivumelene ngakho bazokuthola. Okwenze ukuthi abanye abadlali sibayise kuMaZulu wukuthi siyaxoxa nawo ngenhloso yokuthi ibathathe. Besifuna ukuthi uma iphasiswa indaba yokudayiswa kwethu bebe sebejwayelene nozakwabo abasha,” kusho uBiyela.
Uphinde waqinisekisa ukuthi uzozibambela mathupha njengosihlalo weqembu.