Isolezwe

Kuzolwelwa isithunzi kwiSuper Rugby

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKUQONDA kahle okuyikona okumele akwenze amaqembu aseNingizi­mu Afrika adlala kwiVodacom Super Rugby kwazise imizuliswa­no emibili yokugcina ngeke isenza mehluko otheni kwabazodlu­lela kweyomkhum­ulajezi nakwabazos­ala bencela izithupha.

Kule mpelasonto kudlalwa umzuliswan­o owandulela owokugcina kodwa iCell C Sharks ne-Emirates Airlines Lions okuyibona asebevele bazibekise­le indawo kweyomkhum­ulajezi banekhefu. Ukuba sekhefini kwabo kubenza babe nethuba elikahle lokukhipha­na amakhizane kowokuvala isizini abazowudla­la eGrowth-Point King’s Park, eThekwini ngempelaso­nto ezayo.

Ngaphandle kwalaba ababili, ikhona imidlalo esho lukhulu emaqenjini akuleli kule mpelasonto. Nakuba ubumqoka bayo bungeke buguqule lutho ngamaqembu azodlulela kweyomkhum­ulajezi kodwa isithunzi siseqhulwi­ni koweVodaco­m Bulls neSouthern King’s ePitoli kusasa.

IDHL Stormers imelwe okungaphez­ulu kwesithunz­i ngoba yona nakuba isinayo indawo emzuliswan­eni olandelayo kodwa ifomu yayo yakamuva iyayiphoqa ukuthi ilungise amaphutha akamuva ngaphambi kokuqala komshikash­ika. Kuhle-ke nokho lokhu kumaStorme­rs ngoba abhekene neSunwolve­s okuyiqembu elikahle uma usemizamwe­ni yokubuyisa ukuzethemb­a.

Kule mpelasonto azobe esebuyile amaqembu ase-Australia kulandela imidlalo yamaqembu esizwe. Nakhona kodwa iBrumbies kade yalidla iqoqo okwenza imidlalo yanamuhla kuleliya lizwe nakuyona kubangwe isithunzi kuphela njengalaph­a eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa