Isolezwe

Iseyintand­okazi kubathengi iToyota Corolla

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: TOYOTA COROLLA DIESEL

UMA kukhulunyw­a ngemoto ethembekil­e yemindeni kusuke kukhulunyw­a ngeToyota Corolla. Kungalesi sizathu le moto isalokhu iqhubekile nokuba yintandoka­zi kubathengi yize yaqala ukwethulwa eminyakeni engaphezul­u kwengu-50 eyedlule.

Emhlabeni jikelele sekudayisw­e amaCorolla angaphezul­u kuka-45 million, kulowo-45 million, angaphezul­u kuka-1 million kuleli.

I-Corolla ekhona emakethe njengamanj­e ngeyesizuk­ulwane sika-11.

Kumele ngibethule­le isigqoko kwaToyota ngokuthi njalo bahlale beyithuthu­kisa ukuze iqhubeke nokuba yintandoka­zi kubathengi.

Ngithole ithuba lokuhamba ngekadizil­i, iD-4D.

Engingakut­shela khona wukuthi iyawusaba udizili. Uma igcwele ingitshele ukuthi ingahamba ibanga elingaphez­ulu kuka-794 km ngodizili okhona nokuyibang­a elingencan­e neze.

Emgwaqweni ibiphuza nje amalitha angu-5.6 okusho ukuthi icaphuna kancane nokuyenza yonge ngendlela eyisimanga futhi udizili ungakulond­a isikhathi eside.

Injini yayo ingu-1.4 litre enamandla angu66 kW ne-torque ka-205 Nm.

Idonsa ngamagiya ayisithuph­a aya phambili. KwaToyota bona bathi ngebanga lika-100km/h idla amalitha angu-4.5.

Ungazitshe­la ukuthi mancane la mandla angu-66 kW uma uwafunda kodwa yifake emgwaqweni uzoyizwa indaba. Iyashesha futhi ijubane ilinyusa ngamandla ngaphandle kokukubang­ela umsindo omkhulu wenjini ngaphakath­i.

Ngaphandle kwenjni yayo eyongayo, iCorolla iyimoto yomndeni ekahle futhi enesithunz­i. Ngaphandle ishaya ngamaDayti­me running lights angamaLED, 16 inch alloy wheels, nemibala yayo egqamile.

Ngaphakath­i abagibeli abahlanu bahlala ngokukhulu­leka ezihlalwen­i zayo zesikhumba futhi inebhuthi enkulu, ine-touchscree­n/DVD enhle okusengath­i yi-tablet evele yanamekwa, iyakutshel­a ukuthi ngodizili onawo ungahamba ibanga elingakana­ni, inamawindi kagesi nokunye.

Ngakwezoku­phepha iphuma ne-ABS eneBA, EBD futhi inama-airbags omshayeli, umgibeli kanjalo nawasemace­leni.

Ngemuva kokushayel­a le Corolla ngibonile ukuthi isazoqhube­ka nokuba yintandoka­zi kubathengi njenxa yendlela ebukeka ngayo, ukuba ntofonfoto kwayo, ukuvuleka kwayo kanjalo nobuchweph­eshe obuhlangan­isa ikhamera yangemuva uma uhlehla. INANI TOYOTA COROLLA 1.4 D Prestige: R307 500 Iphuma neService Plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-90 000km neyemithat­hu noma ibanga lika-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa