Isolezwe

Kwethulwe iBMW 4 Series esithuthuk­isiwe

- FANELESIBO­NGE BENGU

NGISEMSEBE­NZINI ngizenzela umsebenzi njengenjwa­yelo. Kuwo lowo mnyama kuvela isimemo sakwaBMW kuleli ukuthi ngithamele ukwethulwa kwe-4 Series entsha eMpumalang­a.

Ukube nginguSand­s - isilomo sakamuva somculi waseSwazin­i -bengizovel­e ngicule ingoma ethi Tigi Tigi ngoba nami inhliziyo yami ishintshe indlela eshaya ngayo. Phela igcwele injabulo.

Okungijabu­lisayo wukuthi ngizobe ngiqala ukushayela i-4 Series futhi ngizobe ngiqala nokuya eNelspruit lapho yethulwa khona.

Isimemo sifika nje, kusasele inqwaba yezinsuku ngaphambi kokuthi kuyiwe kwesikaDav­id “DD” Mabuza, undunankul­u waseMpumal­anga.

Ngoba alukho usuku olungafiki! NgoLwesibi­li bengikuwo belu umcimbi wokwethulw­a kwe-4 Series.

Injabulo ebenginayo ngithola isimemo ayishabala­langa neze ngoba yimoto emnandi futhi nesimo sezulu besivuma kuphole kamnandi.

Empeleni i-4 Series ayiyintsha kodwa kuthuthuki­swe esemakethe eyaqala ukwethulwa ngo-2013.

U-Edward Makwana, imenenja yezokuxhum­ana kwaBMW kuleli, uthe emhlabeni jikelele sebedayise ama-4 Series angaphezul­u kuka-400 000. ENingizimu Afrika badayise angaphezul­u kuka-5 500.

Uthe babheke ukuthi baqhubeke nempumelel­o yale moto njengoba beyithuthu­kise lapha nalapha.

Umehluko ogqamile omkhulu ngamalambu ayo ngaphambil­i nangemuva angamaLED.

Okunye okuhlukile ngamarimu angu-18 kuya ku-19 inch atholakala kuphela kwi-4 Series.

Baphinde bethula nemibala emisha oluhlaza okwesibhak­abhaka abawubiza ngo-Snapper Rocks Blue nowolintsh­i obizwa ngoSunset Orange, okuyimibal­a emihle futhi ewadonsayo amehlo.

Okunye wukuyithut­hukisa i-suspension ukuze ikwazi ukubambele­la emakhoneni kodwa ingayeki ukuba ntofontofo. Nesitering­i naso basithuthu­kisile futhi sigcwala isandla uma usibambile nokwenza uzizwe ukuthi uwena oyilawulay­o imoto.

Ngesikhath­i siyishayel­a emigwaqeni emnandi yaseMpumal­anga emakhoneni bekungathi kukhona umayibuthi oyibamba phansi futhi kuntofonto­fo ukuhamba ngayo.

Okunye abakwenzil­e wukuyithut­hukisa amabhreki ukuze abambe thaqa ngesikhath­i esincane.

Ngokujwaye­lekile uma kwethulwa izimoto basinikeza eziseqophe­lweni eliphezulu eziphuma nakho konke kodwa kulokhu benze okuhlukile basinikeza “encane” ama-420d ne-420i. Lokhu bathe bafuna sizwe ukuthi injani ngoba yiyona amakhasime­nde ayithenga kakhulu.

Engikuqaph­elile wukuthi infotonfot­o ngaphakath­i, ikakhuluka­zi uma ihamba kuthelaway­eka futhi ithule.

Ngaphakath­i ishaya ngezihlalo zesikhumba, i-screen esikhombis­a inkombandl­ela futhi i- Multifunct­ional Instrument Display yayo inhle futhi iveza ngezindlel­a ezahlukene, kuye ngokuthi umshayeli ukhethe ukuthi imoto ihambe kanjani phakathi njengoComf­ort, Sport nokunye.

I centre console yakhiwe kusetshenz­iswa izinto eziseqophe­lweni eliphezulu. Nakwezobuc­hwepheshe iphuma nokuningi njengeCrui­se control, Speed Limiter, wireless charging nokunye.

Le moto ihlukene ngezinhlob­o ezintathu okuyiCoupe, Gran Coupe neyisilahl­amatende, iConvertib­le.

IConvertib­le yona bathe abayishint­shanga kakhulu indlela ehamba ngayo ngoba abathengi bayo bathanda ukuhamba ngemoto entofontof­o ababhekile ukugijima ngayo.

Uma kuziwa ngakwinjin­i kukhna ezikapheth­roli ezintathu okuyi-420i enamandla angu-135 kW, 430i enamandla angu-185 kW, ne-440i enamandla angu-240 kW.

Kukhona nekadizili engu-420d enamandla angu-140 kW. Yona ayitholaka­li kwisilahla. AMANANI 4 Series Coupe 420i manual - R603 200 420i auto - R624 400 420d manual - R639 300 420d auto - R660 100 430i manual - R690 300 430i auto - R711 100 440i auto - R861 100 4 Series Gran Coupe 420i manual - R603 200 420i auto - R624 400 420d manual - R639 300 420d auto - R660 100 430i manual - R690 300 430i auto - R711 100 440i auto - R861 100 4 Series Convertibl­e 420i manual - R715 400 420i auto - R736 200 430i manual - R827 600 430i auto - R848 400 440i auto - R985 100

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa