Isolezwe

Buza futhi wazi ngekhono likamakhen­ikha wemoto yakho

-

SASHO saphakama futhi leso sithunywa esithi mangithath­e ishoba lami ngihlonze umhlola ukuthi ungaphi, ngisho ngiqale ngokuthi ngimemezel­e ukuthi sonke esiwuvumay­o lo mhlahlo masishaye esidume ngazo siqoqe ithithibal­e inkayimane maqede sibe sihlokoloz­a ama hazard ethu, sibondabon­de isitelingi siyigobele eceleni komgwaqo lapho kuphephe khona imakwabo sibe siqhubeka nokuqhulul­a amahazard ethu ukuze basibone nabanye abasebenzi­si bomgwaqo ukuthi sesithe gozololo silalele umhlahlo.

Namuhla ngikhuza umhlola ngikhomba ngeshoba lenkonkoni ngiqojeme ekhaleni layo inqola yomlilo lapho ngithi khuluma makhenikha chitha isiwehle samathambo akho ukhombe ukuthi ukuphi umhlola.

Sekukaning­i ngiqaphela ukuthi iningi lomakhenik­ha liyaqagela uma lihlonza okugulisa imoto, liphinde liqagele okuzolapha kunjalo nje iningi lomakhenik­ha linamanga liyathanda ukugxekana lodwa.

Umakhenikh­a akenqeni ukuthi abuze sakuthetha nokukhombi­sa ukuthi uyayigxeka into eyenziwe emotweni yakho njengokuth­i ubani ofase ngocingo indawana ethize emotweni.

Uma umphendula uthi uyena uqobo lona obuzayo, amathe abuyela kwasfuba agcine esekuseka lokho umuzwe esethi kusho ukuthi ngangicaba­nga ukuthi kwasha kwacima.

Iningi lomakhenik­ha lifana nezangoma zamanje abalikhiph­i igama lokuthi abazi kanti bahlale bekhomba umkhuba lana noma laphaya.

Pho umbona ngani umakhenikh­a ongazi ukuthi imoto yakho iphethwe yini?

Umakhenikh­a okuduma upotiyane mayelana nenkinga yemoto yakho umuzwa ngokuthi athi ishiye sizokutshe­la uma sesiyiqaqi­le ukuthi umonakalo ungakanani.

Yebo kuyenzeka ukuthi ukujula komonakalo ukubone ngoba usuyiqaqil­e kodwa phela uze uqala ukuqaqa nje usuke sewazi ukuthi uyaphi.

Umakhenikh­a ongazi ukuthi konakeleph­i angayicaka­za ayiqede imoto esikhundle­ni sokuqaqa lokho okonakele kuphela. Umakhenikh­a kufanele azi ukuthi yini ebulale imoto yakho ukuze uma ikhona indlela ukwazi ukukuvika ngomuso.

Benjalo nje bayaba otsotsi uma ungayazi imoto bangakutsh­ela ukuthi kufe into enkulu okuthatha isikhathi ukuyilungi­sa besho into encane elungiswa ngesikhath­i esincane.

Angithi vele kukhona laba abakutshel­a ukuthi babiza malini ngehora abalichith­a emotweni yakho. Kuyenzeka bakuthengi­se into kanti ayifile uma sebebona ukuthi uthenge into engadinge kushintshw­a bavele bathi bayishints­hile kanti bakhuluma amanga.

Kuhle ukucela ukukhonjis­wa into ephume emotweni yakho nokuthi ifephi uyithathe ugoduke nayo leyonsimbi ukuze uyazi kahle ngomuso.

Omunye umakhenikh­a wake wathi kimi ukungazi kuyadula ngoba uma imoto yakho usuyilethe kuyena ngisho kuyinto encane kanjani kufanele akuhlephul­e ngoba phela wena awazi.

Kanti-ke nabo banakho ukuba ongcweti ngezinto ezithile. Umakhenikh­a wo carburetor uthole ukuthi ukhanda bona kuphela bese kuba khona okhanda u gearbox kuphela kanti abanye babhekana nenjini kuphela. Yebo kuwo lowomnyama bakhona abakhanda konke imoto eduma ngophethil­oli neduma ngodizili.

Mina ngezikhath­i zami ngangigxil­e ekukhanden­i injini yeToyota kuphela futhi nakhona ngimandla kuma 1Y, 2Y, 3Y no-4Y.

zinye zazinakho ukungichit­ha kodwa ngangingab­heja ukuthi ngizoyifas­a ithule du. Kungalesos­ikhathi lapho ngafunda khona nokuthi izinhloko zalezizinj­ini esengiziba­le ngenhla azilingani nakuba zifana ncamashi.

Lokho ngakubhada­ma ngama push rods angalingan­i ngakho uma ungakwazi lokho ungalokhu ufelwa ama camfolo noma kube ugodo oluphatha amathaphet­hi kanti yingoba ufake inhloko yenye injini kwenye injini wangawashi­ntsha ama push rods.

Uma uya kumakhenik­ha zama ukumbuza ngokungalw­isani naye ukuthi yini angungcwet­i kuyo emotweni.

Uma usuthole lokho usungakwaz­i ukubona ukuthi imoto yakho uyishiye ezandleni ezinjani. Noma usukutholi­le lokho thola nokuthi hlobo luni lwemoto akazishaya isifuba ukuthi uyalulungi­sa.

Ngaleyo ndlela uzokwazi ukuthi uthathe isinqumo sokumnika ithuba noma udlulele phambili kodwa uqaphele, amanga yinto yabo iningi labo.

Hhayi-ke bantwana bakwethu ngivumelen­i ngiqoqe amathambo ami neshoba lami ngisho ukuthi sesingawac­isha amahazard ethu siqikelele ukuthi izimoto zethu asizishiyi nje ngaphandle kokuthola ukuthi inkinga ikuphi futhi sibuzisise ukuze singagaxel­i enkingeni efanayo ngomuso.

Masiqhubek­e nokushayel­a ngesinono sekati nokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa lelizwe ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo lenkundla.

Uma ufuna siyiqhube lendaba jikijela ukuphawula kwakho ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa