Izihambela yodwa iFord Ranger
KWA-FORD eNingizimu Afrika bayafa yinjabulo njengoba iveni labo iFord Ranger libe yiyona moto ethengwe kakhulu ngesigamu sokuqala wonyaka.
Ngenyanga edlule kudayiswe amaRanger angu-3 333 okwenze le moto yahamba phambili hhayi kuphela esigabeni ekuso sama-light commercial vehicle (LCV) kodwa kuzo zonke izimoto.
Phakathi kukaJanuwari noJuni kudayiswe amaRanger angu-17 014.
AmaRanger athunyelwe ngaphandle ngenyanga eyedlule abe ngu-5 631. Sezizonke lezi zimoto ezikhiqizwa kuleli kuthunyelwe kwamanye amazwe ezingu-25 399 kusukela kuqale unyaka.
INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa), ithe kwehlile ukudayiswa kwezimoto ezintsha namaloli amakhulu ngenyanga edlule ngakolunye uhlangothi kwakhuphuka ukudayiswa kwamaveni namaloli amancane.
Zibe ngu-45 369 izimoto ezintsha ezidayisiwe okuwukukhula ngo-418 noma u-0.9% uma kuqhathaniswa nezingu-44 951 ezadayiswa ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Izimoto ezithunyelwa ngaphandle zona zibe ngu-31 631 okuwukukhuphuka ngo-429 uma kuqhathaniswa nezingu-31 202 ngonyaka odlule.
Ku-45 369, ezilinganiselwa ku-38 213 noma u-84.2% zidayiswe emagaraji, u-9.8% waya ezinkampanini ezibolekisa ngezimoto, u-3.1% wathengwa yizinkampani kwathi u-2.9% waya kuhulumeni.
Izibalo zikaJuni zikhombisa ukuthi zehle ngo-630 noma u-2.2% izibalo zokuthengwa kwezimoto ezintsha njengoba zibe ngu-28 639 uma kuqhathaniswa nezingu-29 269 ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Imboni yokuqashisa ngezimoto yona ithenge izimoto ezingu-13.6%. Izibalo azizifaki izinkampani eziningi.
Ukuthengwa kwamaloli amancane, amaveni namatekisi kube ngu-14 278 okuwukukhula ngo-1 062 noma u-8.0% uma kuqhathaniswa no-13 216 ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Ukuthengwa kwamaloli athutha impahla aphakathi nendawo namakhulu kukhombise ingxubevange njengoba abe ngu800 aphakathi okuwukukhula ngo-34 noma ngo-4.4% kwathi amakhulu namabhasi aba ngu-1 652 okuwukwehla ngu-48 noma u-2.8 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Isibalo sezimoto ezintsha ezithunyelwa ngaphandle sibe ngu-31 631 okuwukukhula ngo-429 noma u-1.4% uma kuqhathaniswa no-31 202 ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
INaamsa ithe lokhu kuzokhula unyaka wonke.
INaamsa ithe ayiboni ukuthi kuzohamba kanjani esigameni sesibili njengoba ezepolitiki kanjalo nomnotho ungacacile kahle okuyinto eshaya kakhulu abathengi.
Ithe ukuthengwa kwezimoto ezintsha kuleli kungenzeka kuqhubeke nokuba phansi. Ngakolunye uhlangothi kwezithunyelwa ngaphandle khona kungase kuhambe kahle.
Ezinye izimoto ezidayise kakhulu yiToyota Hilux (3 161), Toyota Corolla/Auris/Quest (1420), Nissan NP300 (1 130), Isuzu KB (1 178), VW Polo Vivo (2 516), Renault Kwid (632) nezinye.