Isolezwe

Izihambela yodwa iFord Ranger

- INTATHELI YEZEZIMOTO

KWA-FORD eNingizimu Afrika bayafa yinjabulo njengoba iveni labo iFord Ranger libe yiyona moto ethengwe kakhulu ngesigamu sokuqala wonyaka.

Ngenyanga edlule kudayiswe amaRanger angu-3 333 okwenze le moto yahamba phambili hhayi kuphela esigabeni ekuso sama-light commercial vehicle (LCV) kodwa kuzo zonke izimoto.

Phakathi kukaJanuwa­ri noJuni kudayiswe amaRanger angu-17 014.

AmaRanger athunyelwe ngaphandle ngenyanga eyedlule abe ngu-5 631. Sezizonke lezi zimoto ezikhiqizw­a kuleli kuthunyelw­e kwamanye amazwe ezingu-25 399 kusukela kuqale unyaka.

INational Associatio­n of Automobile Manufactur­ers of South Africa (Naamsa), ithe kwehlile ukudayiswa kwezimoto ezintsha namaloli amakhulu ngenyanga edlule ngakolunye uhlangothi kwakhuphuk­a ukudayiswa kwamaveni namaloli amancane.

Zibe ngu-45 369 izimoto ezintsha ezidayisiw­e okuwukukhu­la ngo-418 noma u-0.9% uma kuqhathani­swa nezingu-44 951 ezadayiswa ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule. Izimoto ezithunyel­wa ngaphandle zona zibe ngu-31 631 okuwukukhu­phuka ngo-429 uma kuqhathani­swa nezingu-31 202 ngonyaka odlule.

Ku-45 369, ezilingani­selwa ku-38 213 noma u-84.2% zidayiswe emagaraji, u-9.8% waya ezinkampan­ini ezibolekis­a ngezimoto, u-3.1% wathengwa yizinkampa­ni kwathi u-2.9% waya kuhulumeni.

Izibalo zikaJuni zikhombisa ukuthi zehle ngo-630 noma u-2.2% izibalo zokuthengw­a kwezimoto ezintsha njengoba zibe ngu-28 639 uma kuqhathani­swa nezingu-29 269 ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule.

Imboni yokuqashis­a ngezimoto yona ithenge izimoto ezingu-13.6%. Izibalo azizifaki izinkampan­i eziningi.

Ukuthengwa kwamaloli amancane, amaveni namatekisi kube ngu-14 278 okuwukukhu­la ngo-1 062 noma u-8.0% uma kuqhathani­swa no-13 216 ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule.

Ukuthengwa kwamaloli athutha impahla aphakathi nendawo namakhulu kukhombise ingxubevan­ge njengoba abe ngu800 aphakathi okuwukukhu­la ngo-34 noma ngo-4.4% kwathi amakhulu namabhasi aba ngu-1 652 okuwukwehl­a ngu-48 noma u-2.8 uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.

Isibalo sezimoto ezintsha ezithunyel­wa ngaphandle sibe ngu-31 631 okuwukukhu­la ngo-429 noma u-1.4% uma kuqhathani­swa no-31 202 ngesikhath­i esifanayo ngonyaka odlule.

INaamsa ithe lokhu kuzokhula unyaka wonke.

INaamsa ithe ayiboni ukuthi kuzohamba kanjani esigameni sesibili njengoba ezepolitik­i kanjalo nomnotho ungacacile kahle okuyinto eshaya kakhulu abathengi.

Ithe ukuthengwa kwezimoto ezintsha kuleli kungenzeka kuqhubeke nokuba phansi. Ngakolunye uhlangothi kwezithuny­elwa ngaphandle khona kungase kuhambe kahle.

Ezinye izimoto ezidayise kakhulu yiToyota Hilux (3 161), Toyota Corolla/Auris/Quest (1420), Nissan NP300 (1 130), Isuzu KB (1 178), VW Polo Vivo (2 516), Renault Kwid (632) nezinye.

 ??  ?? IFORD Ranger okuyiyona moto ethengwe kakhulu esigamini sokuqala sonyaka okuthe ngenyanga edlule yadayisa amaveni angu-3 333 kanti phakathi kukaJanuar­y noJune kudayiswe angu-17 014
IFORD Ranger okuyiyona moto ethengwe kakhulu esigamini sokuqala sonyaka okuthe ngenyanga edlule yadayisa amaveni angu-3 333 kanti phakathi kukaJanuar­y noJune kudayiswe angu-17 014
 ??  ?? KWA-NISSAN badle kangcono ngeNP300
KWA-NISSAN badle kangcono ngeNP300
 ??  ?? KWA-VW yiPolo Vivo Eclipse eyenze kahle kakhulu
KWA-VW yiPolo Vivo Eclipse eyenze kahle kakhulu
 ??  ?? IRENAULT-KWID nayo ebalwa nezenze kahle ezimakethe
IRENAULT-KWID nayo ebalwa nezenze kahle ezimakethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa