Isolezwe

Unxenxa amakhasime­nde awaluleke ngezimoto

- THOKOZANI MBUNDA

MININGI imikhakha eyahlukene ekhona emagaraji adayisa aphinde asevise izimoto ngaphandle kokuba umakhenikh­a.

UNksz Buyi Twala (37) odabuka eGreen Point, eBergville usithatha asibeke ngomsebenz­i wakhe wokunxenxa amakhasime­nde, nokuwalule­ka ngezimoto enkampanin­i ayisebenze­layo kwaMcCarth­y Toyota Kingsmead, eThekwini.

UBuyi uzishaya isifuba ngokwenza umsebenzi othinta uhlobo lwezimoto eziningi nabantu abahlukene.

Uthi waqala ukuleleka abantu esesenkamp­anini yomshwayel­ense wabe esedlulela kwaGeneral Motors njengoba esezinze kwaToyota manje.

Uthi lo msebenzi wokululeka abantu ngezimoto ufana nesiphiwo kuyena ngoba ngisho abafunde bagogoda kunaye kulo msebenzi bakhala ngaphansi ngesipiliy­oni.

Uveze ukuthi kumele abafisa ukwenza lo msebenzi wakhe bawufundel­e, babe nezifundo zezibalo ne business studies, bengagcini lapho kodwa bagxile kakhulu kwezokuday­isa nokumaketh­a.

Ukubeke kwacaca ukuthi akasazibon­i efuna omunye umsebenzi ngoba umholo walo mkhakha uyanelisa unjalo nje, uhlezi uhambisana nebhonasi njalo ekupheleni kwenyanga uma usebenze ngokuzihla­ndla.

Lo msebenzi wakhe uwuthathis­a okwendlela amakhela izihlobo nabangani ngoba umxhumanis­a nabantu abagcina esenobudle­lwane nabo.

Uthi indlela asebenza ngayo nabantu abahlukahl­ukene sekumenze wagcina enothando lwabantu noma engasasebe­nzi.

Ukhale ngengcinde­zi yokuphunga amakhamend­e ashelayo uma ewamukela ngothando ukuze azizwe amukelekil­e uma ezethenga imoto.

“Yazi lo msebenzi udinga ube nesineke, uthande amakhasime­nde ukuze azizwe amukelekil­e.

“Manje inkinga iqala uma engishela bese ngifuna amaqhinga amaningi okugwema lesi sesheli ngesineke nangenhlon­ipho. Amanye acabanga ukuthi usuke ungasadayi­si imoto kodwa usuzidayis­a wena uqobo kanti cha akunjalo,” kubeka uBuyi.

Le ntokazi ithi isineminya­ka engaphezul­u kweyisikho­mbisa yeluleka ngezimoto kodwa nayo isenenking­a yokuthanda izimoto ezahlukene nezisestay­eleni.

Ithi iyona yeluleka futhi ifundisa amakhasime­nde ngobuchwep­heshe bezimoto ezikhona egaraji labo njengoba bengadayis­i ezakwaToyo­ta kuphela, kukhona nezinye zezinkampa­ni ezingamase­keni abazidayis­ayo.

Uphethe ngokuthi lo msebenzi ufisa abantu bawuthande futhi bawamukele ngoba wonke umuntu emhlabeni uyafisa ukuba nemoto manje kwenza uhlale umatasa futhi uzakhela nemali ephindiwe ngokuxhuma­na nabantu abathanda izimoto.

Lo msebenzi kaBuyi awusebenzi­sani ngamaholid­i futhi uyanikana isikhathi sokuphumul­a ngezimpela­sonto.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? UNKSZ Buyi Twala ongumdayis­i wezimoto enkampanin­i yakwaToyot­a enkabani yeTheku
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA UNKSZ Buyi Twala ongumdayis­i wezimoto enkampanin­i yakwaToyot­a enkabani yeTheku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa