Isolezwe

Ube nesasasa umdlalo wezimoto

- THOKOZANI MBUNDA

BEKUBUBULA inqawe futhi kunuka insizi yethayi eMatikwe, eNanda lapho bekunomdla­lo khona wezimoto muva nje.

Amaqembu abenandisa ngokuklweb­ha ithayi nokudlala ngenqawe.

Lawa maqembu bekungelam­aVW City Golf, iNanda Rox nelamaGush­eshe elihamba ngezimoto zakwaBMW.

Ayikho efune ukugoba uphondo njengoba zonke ebezingena eshashalaz­ini bezishiya ababukeli befuna impinda.

Lawa maqembu aqhudelana minyaka yonke ngenyanga yentsha khona eMatikwe ukuze abathandi bobumnandi bezimoto bezoziqash­a uma benza imicimbi ukuzobanan­disela ngenqawe nangethayi.

Sekukuning­i okwenziwa ilama qembu ngoba kungekhona ukuklwebha ithayi kuphela kodwa abuye axhase nasemphaka­thini waseNanda, ahambele izindawo ezihlala abantu abadala nezintanda­ne abuye alwisane nobugebeng­u.

Nangonyaka ozayo lawa maqembu athembise ukushaya ibuya endaweni efanayo.

Kunxuswe bonke abathanda ukungenala lo mdlalo ukuthi abeze nezimoto zabo amaVW City Golf uma bethanda iqembu le iNanda Roxy noma namaGushes­he uma bethanda elamaGushe­she.

Kumele izimoto zabo zibe sesimweni esiwulunge­le umgwaqo, nabashayel­i bazo babe nezincwadi zokushayel­a, mase beyaqeqesh­wa benikezwe nemigomo yeqembu abathanda ukuwajoyin­a.

Okuyingozi ngalo mdlalo wabo wokunandis­a ngemoto ukuthi awunawo umshwalens­e, futhi wenza nemoto yakho yehlelwe inani lemali ongayidayi­sa ngalo uma ungasayidi­ngi.

Okuthandwa abadlali bazo ukuthi benza ubungani bebodwa abahamba ngezimoto ezifanayo, balungisa imoto ngokubambi­sana uma kukhona ilunga le qembu lalo elilinyale­lwe imoto, benza izinga lokwebiwa kwezimoto zabo lehle ngoba bayazana nokwenza kube lula ukuthi bayibone imoto yozakwabo uma ishayelwa umuntu abangamazi.

 ??  ?? UMPHAKATHI ukhombise ukuwuthaka­sela umdlalo wezimoto eNanda njengoba uphume ngobuningi bawo ukuzowutha­mela
UMPHAKATHI ukhombise ukuwuthaka­sela umdlalo wezimoto eNanda njengoba uphume ngobuningi bawo ukuzowutha­mela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa