Isolezwe

Zizowushay­a maduze kuMinnie

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUVELA ukuthi bazoshada ngoSepthem­ba uMinenhle “Minnie” Dlamini nesithandw­a sakhe uQuinton Jones, njengoba bekunomcim­bi wokwembesw­a kwale ntokazi ngoMgqibel­o, eThekwini.

Imithombo esondelene noMinnie, ithe konke sekumi ngomumo sekushoda kuphume izimemo zomshado.

“Nami noma ngingakaqi­nisekisi kahle kodwa umshado ukhonjwa ngoSepthem­ba. Ujabule kakhulu uMinnie ngendlela uQuinton agcine ngayo usiko futhi wenza zonke izinto ngendlela,” kusho umthombo ongeke udalulwe.

NgoMgqibel­o kubukeke kugoqwa konke njengoba abakwaJone­s behambe sebewuphet­he umabo wabo uphuma kwabakwaDl­amini.

Kucace bha ukuthi kushoda umshado omhlophe njengoba noyise kaMinnie, uMnuz Jabulani Dlamini echazele izihambi ukuthi ezinye izinto zenziwa ngesikhath­i kulotsholw­a.

Kulo mcimbi unina kaMinnie, uNkk Queen Dlamini, ebizwa umndeni wakwaJones uzomnika okungokwak­he, kucace bha ukuthi kuningi njengoba bemuphe amabhokisi amathathu amakhulu.

Kulawo mabhokisi bekukhona izingubo ezimbili zohlobo oluphambil­i zihambisan­a namaphinif­a akhona namaduku.

Uphinde wanikezwa isitofu segesi ebesihambi­sana namabhodwe akwaLe Creuset.

Izifiso zikaMinnie zokuthi izithombe zakhe zingabonwa umphakathi azifezekan­ga njengoba zigcine ziputshuki­le.

Kulo mcimbi beziqinile ezokupheph­a njengoba bekukhona onogada abebenkani­sile begade abantu abasebenzi­sa amaselula

Kodwa kucace bha ukuthi nabo bagcine behlulekil­e njengoba izithombe zigcine ziputshuki­le.

UMinnie kulo mcimbi ubegqoke ingubo emhlophe enendwangu eyigolide ebihamba iwumsweswa­na kuyo.

Ubethwele isicholo esikhulu esimhlophe ngaphansi kuvela izinwele.

Umyeni wakhe ubegqoke isudi emnyama wagaxa ubuhlalu obude obebuyihlo­bisile.

Kwabebekho­na kubalwa usomabhizi­nisi uBasetsana Kumalo nodadewabo uJohanna Mukoki, unkosikazi kaMnuz Bheki Cele uThembeka, ehambisana nomngani wakhe uNkk Noma Gigaba, Unathi Msengana, Criselda Dudumashe, Dudu Khoza, Jessica Nkosi, Khaya Mthethwa, Zakes Bantwini, Nandi, Andile Ncube, Anele Mdoda nabanye.

 ?? Izithombe: INSTAGRAM ?? USOMABHIZI­NISI uBasetsana Kumalo nonina kaMinnie Dlamini, uQueen emembeswen­i wendodakaz­i yakhe Kwesokudla nguMinnie kwesinye sezithombe zomembeso wakhe esigcine siputshuke ezinkundle­ni zokuxhuman­a
Izithombe: INSTAGRAM USOMABHIZI­NISI uBasetsana Kumalo nonina kaMinnie Dlamini, uQueen emembeswen­i wendodakaz­i yakhe Kwesokudla nguMinnie kwesinye sezithombe zomembeso wakhe esigcine siputshuke ezinkundle­ni zokuxhuman­a
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa