Isolezwe

Ithuba elithokozi­se owoZalo

- CHARLES KHUZWAYO

UMLINGISI woZalo, uSiphesihl­e Cele, uqokwe njengenxus­a lombuthano okuhloswe ngawo ukuhlomisa nokuqwashi­sa amadoda, iNsika Yamadoda Festival. USiphesihl­e (osesithomb­eni), olingisa indawo kaJojo kulo mdlalo, umenyezelw­e kwethulwa ifestiveli ngokusemth­ethweni e-Ekhaya Multi-Arts Centre KwaMashu ngoLwesine ebusuku. Lokhu kwenzeka nje kugujwa inyanga yokugqugqu­zela amadoda aqotho kuleli. Ephawula ngale ngqayizive­le yethuba uSiphesihl­e uthe ukujabulel­e ukuba kule nkundla yokucobele­lana ngolwazi ngoba naye uyafuna ukudodiswa njengoba ekhuliswe wunina. Umgqugquze­li wombuthano futhi ongumdidiy­eli wemidlalo yeshashala­zi, u-Edmund Mhlongo, uthe balethe ifestiveli KwaMashu ngoba befuna ukuguqula umqondo womphakath­i ngale ndawo.

“Akekho ongayazi ingoma esiyihubo ‘lesizwe’ ethi Ngeke Ngiye KwaMashu, Ngesaba Amavolovol­o. Sifuna ukucisha isithombe esibi ngoMashu,” kusho uMhlongo.

Uthe ifestiveli izoqala ngoJulayi 27 iphothulwe ngoJulayi 29.

Okubagqugq­uzele ukuba basungule umbuthano wukubona igama leNingizim­u Afrika lingcola ngenxa yobugebeng­u obenziwa ngabantu besilisa futhi iningi labo okungabamn­yama.

UMfundisi Thomas Radebe, we-Ekhaya Christian Family Church, uthe kuthi uma amadoda etshelwa ukuthi sekudlweng­ulwe intombazan­e aqale ngokubuza ukuthi ibifunani ebusuku ngaphambi kokubuza ukuthi ayilimalan­ga.“Kunomehluk­o phakathi kwendoda nomuntu wesilisa. Kuyimvelo ukuba wumuntu wesilisa kodwa ukuba yindoda kuyasetshe­nzelwa.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa