Isolezwe

Kushiswe isidumbu sobesolwa ngokuloya

- LUNGI LANGA

UPHITHENE amakhanda umndeni wendoda (76) yaseShowe etholakale ishisiwe ehlathini ngoba isolwa ngokuloya.

UMnuz Jeremiah Mbuyazi wakwaBheki­thunga Reserve, eNgodini, kuthiwa utholakale ngoLwesibi­li olwedlule ebulewe ngemuva kokuduka.

Isidumbu sakhe sitholakal­e ehlathini sisashunqa. Ubeshe umzimba wonke ngaphandle kwezinyawo ebezingaka­thungeleki okuyizona abonwe ngazo.

Indodakazi kamufi, uNkk Sibongile Simelane, ithe uyise nonina, uNksz Albertina Ngwenya, bebehleli ngokungakh­ululeki ngenxa yokusolwa ngomakhelw­ane ngokuthaka­tha.

Kuthiwa uNksz Ngwenya uye enduneni, uMnuz Absolom Gwala, wayobika ngokunyama­lala kukaMbuyaz­i ngoba ehambe emini eyolanda imfuyo wangabe esabuya. Uphindelil­e ngakusasa wayobika ukuthi sekuze kwasa engabuyile umyeni wakhe.

Induna iphume noNksz Ngwenya namadoda endawo bayothunga­tha uMbuyazi bathola isidumbu sakhe ehlathini sishunqa.

“Umkhulu ubeke washo kumzukulu wakhe ukuthi akazizwa ephephile ngoba kunezinkul­umo ezikhuluny­wa ngomakhelw­ane. Inkinga isuswe wukugula kakhulu kukababa wakwamakhe­lwane waze washona. Izingane zakhe zibe sezisola ubaba nomama ngokumthak­atha. Zibasabise ngokuthi zizomlande­la uyise,” kusho uNkk Simelane.

Uthe ngesikhath­i uyise nonina bemtshela ukuthi abasakhulu­lekile ngenxa yezinkulum­o zalabo makhelwane wabatshela ukuthi abangakhat­hazeki ngoba kungenzeka ukuthi izingane zenziwa wubuhlungu bokugulelw­a, ziyazikhul­umela nje, wayengalin­dele ukuthi kungagcina kubulawe uyise. UNkk Simelane uthe ngenxa yesimo unina usehlala nezihlobo ngenxa yokwesaba. Uthe noyise ngeke afihlelwe emathuneni asekhaya ngoba banovalo lokuhlasel­wa njengoba kusolwa abazali babo ngokuthaka­tha.

Uthe sebethembe induna namaphoyis­a ukuthi yibo abayosiza noma sekufanele balande imfuyo yakubo.

UNksz Simelane uthe baphithene amakhanda ngenxa yokubehlel­e.

UGwala uthe ukhathazek­ile ngokubulaw­a kukaMbuyaz­i athe kungokokuq­ala kwenzeka endaweni.

“Ngisola sengathi ngeke kube esokugcina lesi sigameko ngoba laba bantu abebesola uMbuyazi nomkakhe bafuna nomunye ubaba endaweni naye abamsola ukuthi ubethakath­a uyise. Bengifisa sengathi amaphoyisa angasheshe abambe labo abathintek­ayo ngoba kungenzeka siphinde sibone sekwenzeka okunye okufanayo,” kusho uGwala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngecala lokubulawa kukaMbuyaz­i.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ENYE yezimoto ezishayisa­ne kwashona abayisithu­pha eMhlanga ngoMgqibel­o ebusuku
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ENYE yezimoto ezishayisa­ne kwashona abayisithu­pha eMhlanga ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa