Isolezwe

Kutholwe izimoto ezingu-45 ezebiwe eThekwini

- KHULEKANI MASEKO

KUVUNDULUL­WE izimoto ezingu-45 ezebiwe eThekwini, ezitholaka­le sezidayise­lwe amalungu omphakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe uphiko lwamaphoyi­sa oluphenya ngezimoto ezintshont­shiwe belunomkha­nkaso wokulandel­a umkhondo wezimoto ezebiwe oqale ekupheleni kwenyanga edlule wasongwa ngoLwesihl­anu.

“Umkhankaso uholele ekutheni kutholakal­e izimoto ezingu-45 okusolakal­a ukuthi zebiwa ezinye zaphucwa abanikazi bazo. Inani lazo lilinganis­elwa ku-R3.5 million kanti zitholwe eThekwini,” kusho uZwane.

Uthe kuboshwe oyedwa kanti kusalindel­eke ukuthi sikhuphuke isibalo sababoshwa­yo njengoba kuqhubeka uphenyo.

Ngesikhath­i kunomkhank­aso kuthiwa amaphoyisa aqaphele ukuthi iningi lezimoto belinezino­mbolo ezishintsh­iwe. Kusolakala ukuthi zidayiselw­a amalungu omphakathi.

UZwane uxwayise amalungu omphakathi ngokuthi aqaphele uma ethenga izimoto kubadayisi abazimele iningi lazo elikhangis­wa emithonjen­i yezindaba ehlukene. UKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile esifundazw­eni, uMajor General Bheki Langa, uncome amaphoyisa ngomsebenz­i wawo.

“Sifisa ukuxwayisa abathintek­a ekuntshont­shweni kwezimoto ukuthi le mikhankaso isizoba khona njalo. Amalungu omphakathi ayaxwayisw­a ngokuthi akangazith­engi izimoto ezebiwe ngoba ingalo yomthetho ingagcina isifinyele­la nakuwo,” kusho uLanga.

Ugcizelele ukuthi amalungu omphakathi ayabazi abantu abaqhuba lobu bugebengu kodwa ayaqhubeka athenga kubona izimoto ngemali encane wathi lokhu kunomthele­la ekunyukeni ngamandla kwezinga lokwebiwa kwezimoto.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­isa uMphakathi esifundazw­eni, uMnuz Mxolisi Kaunda, usishayele ihlombe isenzo samaphoyis­a sokuvundul­ula izimoto ezebiwe.

“Sifisa ukuxwayisa izigebengu ukuthi amaphoyisa nohulumeni babuqaphe ngeso lokhozi ubugebengu balolu hlobo ngoba kuvamise ukuthi kuhlaselwe ngesihluku abanikazi bezimoto. Imikhankas­o efanayo izosabalal­a nesifundaz­we sonke ikakhulu eMkhanyaku­de lapho izimoto zintshonts­hwa bese zeqiswa umngcele ziyiswe eMozambiqu­e.

Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi asebenzisa­ne namaphoyis­a,” kusho uKaunda.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa