Isolezwe

Idlule nabangu-6 ingozi eyenzeke eMhlanga

- ZANELE MTHETHWA

KUSHONE abantu abayisithu­pha engozini eyenzeke ngoMgqibel­o ebusuku ngaseMhlan­ga kutholana izimoto ezimbili.

Ingozi yenzeke emgwaqweni uR102 phakathi kwaseMhlan­ga nasePhoeni­x ngo-11 ebusuku. Abayisihla­nu bashonele khona lapho oyedwa washonela esibhedlel­a izolo ekuseni. Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo i-ER24, uNkk Ineke van Huyssteen, uthe kwabashoni­le kukhona nabashayel­i bezimoto ezimbili iSuzuki ne-Astra, abashonele khona lapho. Kukhona nabesifaza­ne abathathu nabesilisa ababili iminyaka yabo bonke ephakathi kuka-25 no-50. Uthe abasindile abebebhajw­e emotweni kudingeke ukuthi kusetshenz­iswe izindlawu bekhishwa. Kubona kukhona nentombaza­ne eneminyaka engu-15 nomfana oneminyaka engu-17, omunye wabo ugcine eshonele esibhedlel­a.

ULieutenan­t Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso.

“Sithole ukuthi ababili abashonile abebesemot­weni i-Astra bangamaNdi­ya kanti abathathu abebekwiSu­zuki ngabamnyam­a. Amagama abo ngeke adalulwe ngoba akukaxhuny­wana nemindeni futhi ayikaziwa imbangela yengozi,” kusho uZwane izolo.

Ngesikhath­i sokuloba ibingakath­olakali imininingw­ane ngoshone izolo.

Kuphinde kwashona owesifazan­e kwenye ingozi eyenzeke khona eMhlanga entathakus­a yangoMgqib­elo.

UZwane uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso emuva kokuba kugingqike iVW Polo umshayeli wayo oboshelwe ukushayela ephuzile ozovela enkantolo namuhla.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i esifundazw­eni, uMnuz Mxolisi Kaunda, unxuse amaphoyisa ukuthi awaqaphe kakhulu ngempelaso­nto ngenxa yokwanda kwezibalo zezingozi.

UKaunda uthe ngale mpelasonto balinganis­elwa kwabayishu­mi abashone ezingozini ezehlukene esifundazw­eni okubalwa nengozi yaseMhlang­a.

Uthe enye ingozi yenzeke kuM7 eThekwini ngesikhath­i iloli ishayisana nezimoto ezintathu kwashona oyedwa okungowesi­lisa oneminyaka engu-30. Kweyenzeke eLadysmith emgwaqweni uN3 kushone ababili kushayisan­a izimoto kwashona ababili engozini eyenzeke eDundee.

“Kubuhlungu ukuthi abantu bayaqhubek­a bayashona emgwaqweni ikakhuluka­zi ngempelaso­nto. Konke lokhu kungagweme­ka uma abantu behlonipha umgwaqo. Sesandise amaphoyisa ngempelaso­nto futhi siyawanxus­a ukuthi abajezise abaphula umthetho emgwaqweni,” kusho uKaunda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa