Isolezwe

Badutshulw­e bashona okuthiwa bebebabele ukubulala obhejane

- ZANELE MTHETHWA

AMADODA amabili asolwa ngokuthi abebabele ukubulala obhejane esiqiwini iHluhluwe entathakus­a yayizolo adutshulwe ngonogada afa.

Lokhu kwenzeke entathakus­a ngo-3.30 izolo. Kuthiwa amadoda abonwe ngonogada bezeMvelo KZN Wildlife abebeseben­za eNqolothi, eMfolozi Park.

Ngenxa yokuthi kujwayelek­ile ukuthi obhejane bahlaselwe entathakus­a, nonogada asebeqapha kakhulu ngaleso sikhathi.

Isitatimen­de esithunyel­we ngabezeMve­lo siveza ukuthi onogada bebezama ukuzivikel­a ngesikhath­i bedubula amadoda.

Okhulumela Ezemvelo KZN Wildlife, uMnuz Musa Mntambo, uthe onogada bezwe abantu bekhuluma, babona abayisihla­nu behlome ngezibhamu zokuzingel­a.

“Onogada bakhanyise ngamathosh­i, bayalela abasolwa ukuthi babeke phansi izibhamu. Omunye wabasolwa ukhombe unogada ngesibhamu. Ngenhlanhl­a unogada wadubula kuqala. Abasolwa bashonele khona lapho,” kusho uMntambo.

Amaphoyisa esifundazw­e athe abasolwa abathathu baphunyuki­le kodwa asezithend­eni zabo ngoba asebenzisa nezinja ezihogela umkhondo.

Kusolwa ukuthi abasolwa abashonile bebesebenz­a nabathathu ababoshwe ngesikhath­i amaphoyisa nabezeMvel­o bephume umkhankaso wokusesha ngoMgqibel­o eduze kwasedolob­heni iHluhluwe.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenan­t-Colonel Katlego Mogale, uthe amaphoyisa abone imoto esolisayo iToyota Hilux yaseshwa. Kutholakal­e izibhamu zokuzingel­a nezinye izikhali okusolwa ukuthi bezizosets­henziswa ukubulala obhejane. UMogale uthe abasolwa ababoshiwe bazovela namuhla eNkantolo yeMantshi eHluhluwe. Kwababoshi­we kubalwa nomshayeli oneminyaka ewu-44 nababili abehamba nabo.

UMnuz Sthabiso Chiliza oyisikhulu esiphezulu esibambile kwezeMvelo, uthe kuyancomek­a okwenziwa ngamaphoyi­sa nabasebenz­i babo ukulwa nokubulawa kobhejane.

“Kuyancomek­a indlela abasebenzi bethu abasebenzi­sana ngayo namaphoyis­a. Ukubamba abasolwa abayisihla­nu emahoreni awu-24 kuyancomek­a kakhulu. Ngiyabahlo­nipha abenze lo msebenzi. Ngeke siphumule singabatho­langa abasolwa abaphunyuk­ile nalabo abasizana nabo,” kusho uChiliza.

AbezeMvelo bathi bawu-142 obhejane asebebulew­e KwaZuluNat­al selokhu kuqale unyaka.

Seziningi izehlakalo zokuhlasel­wa kobhejane eHluhluwe. Kusanda kubulawa abayisithu­pha izidumbu zabo ezatholaka­la zidindiliz­ile zikhishwe izimpondo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa