Isolezwe

Amaciko nemizamo yokusiza uRay Phiri oxinwe wumdlavuza

- ZANELE MTHETHWA

AMACIKO akuleli azozama ukusiza umculi odume ngokuba ngomunye wabasungul­i beqembu iStimela okuthiwa uxinwe ngumdlavuz­a wamaphaphu.

URay Chikapa Phiri (70), kuthiwa ungeniswe esibhedlel­a ngenxa yokugula, osekusukum­ise abanye abaculi abafuna ukulekelel­a. UMabutho Kid Sithole, umengameli wenyunyana yamaciko, iCreative Workers Union of South Africa, izolo uthe usezwile ngokugula kukaRay.

“Ngizwile ukuthi sekukhona abaculi abafana noMara Louw abazinikel­e ukusiza uRay. Okwamanje ngisePE, angikasith­oli kahle isikhathi sokuthola imininingw­ane ngokugula kwakhe nokuhlanga­na nabanye abaculi,” kusho uSithole.

Imibiko yelinye lamaphepha­ndaba eliphuma ngeSonto, uveze ukuthi umndeni wakhe usucele ukuthi uthandazis­we, kulekelelw­e nangokumel­apha.

URay oke wacula noPaul Simon, ubengomuny­e wabaculi abebeboshe­lwe ekhonsathi­ni ye-Africa Day ngoMeyi eGoli nonyaka.

Ungomunye wabaculi abadala abasayibam­bile kwezikaqed­isizungu.

Kuyaqala ukuthi lo mculi axinwe ukugula ngaphandle kokulala esibhedlel­a ngo2003 emuva kwengozi yemoto okwashona kuyo umkakhe uDaphney. Ukulimala kukaRay kule ngozi okwakukhon­a kuyo nendodakaz­i yakhe nabaculi beStimela, kwahlukani­sa iqembu elabuye lahlangana.

Ngo-2007 iStimela siqophe iDVD ekhonsathi­ni lokugubha iminyaka engu-25, sibonga nabalandel­i ePlayhouse Thekwini. URay uphinde washonelwa wumkakhe wesibili ngo-2015 uPhumzile, obeguliswa yisifo sokushoda kwegazi. Imizamo yokuthola umndeni wakhe izolo ayiphumele­langa kanti zombili izingcingo zakhe bezivaliwe.

 ?? Isithombe:SIGCINIWE ?? INGQALABUT­HO kwezomculo edume eqenjini iStimela uRay Phiri, okubikwa ukuthi ixinwe wumdlavuza wamaphaphu
Isithombe:SIGCINIWE INGQALABUT­HO kwezomculo edume eqenjini iStimela uRay Phiri, okubikwa ukuthi ixinwe wumdlavuza wamaphaphu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa