Isolezwe

Bakhala ngokungana­kwa yimeya yeTheku

- KHULEKANI MASEKO

ABAHLALI baseMjondo­lo sebesabise ngokuthi bazoqhubek­a nokuvala imigwaqo edabula emalokishi­ni akhele iTheku uma iMeya uNkk Zandile Gumede ingazixazu­luli izikhalo zabo ezethulelw­e lo masipala emasontwen­i amabili edlule.

UNobhala wenhlangan­o Abahlali baseMjondo­lo esifundazw­eni, uMnuz Thapelo Mohapi, uthe izinsuku ezingu-7 ziphele ngoLwesith­athu olwedlule ngakho bengabahol­i bale nhlangano kubaphoqil­e ukuthi babuyele emalungwin­i abo ukubuyisel­a impendulo.

Uthe imeya ikhombise ukungabagq­izi qakala abantu abahlala emijondolo kwazise ayikaze yenze nesitatime­nde esibaqinis­a idolo sokuthi ziyabhekwa lezi zikhalo.

“Sizizwa sengathi sibukelwa phansi thina njengabahl­ali basemjondo­lo. Ukwaziswa nje ukuthi izikhalo zethu ziyacutshu­ngulwa, bekungaleh­lisa ulaka emalungwin­i ethu. Izinto esikhale ngazo bekukhona nokubulawa kwabantu abahlala emijondolo, okuyinto ebesifuna umasipala ungenelele kuyo kodwa kuze kube manje kucwebe isiziba.”

Uthe ngeke bakwazi ukunqanda amalungu njengoba eseqale imibhikish­o ezindaweni eziningi.

“Sizoqhubek­a nokulwela esikholelw­a kukho kuze kube imeya iyabambisa­na nathi,” kusho uMohapi.

Ngeledlule abahlali ababebhiki­sha bavale zonke izintuba ezingenela eCato Crest ngamathayi avuthayo, kwachithwa nemfucuza emigwaqwen­i. Kulo mbhikisho onodlame oqale ngezintath­akusa zangoLwesi­hlanu, kungqongqi­swe nebhasi likamasipa­la ngomlilo. Ubuholi bale nhlangano buziqhelel­anisile nalesi sigameko ngelokuthi amalungu awacekeli impahla uma ebhikisha kodwa avala umgwaqo kuphela.

Okhulumela imeya, uMnuz Mthunzi Gumede, uthe akulona iqiniso ukuthi abazigqizi qakala izikhalo zabahlali basemijond­olo. “Ngaphambi kwemashi ebisemason­tweni amabili adlule sabiza umhlangano nabaholi kanti sesiphinde sabiza omunye esethemba ukuthi bazovuma ukuhlangan­a nathi ukuze sixoxe,” kusho uGumede.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa