Isolezwe

Uboshiwe obelethe ingane wayilahla

- LUNGI LANGA

ZIMKHALELE owesifazan­e (19) waKwaDabek­a okuthiwa ubelethe ingane wayifaka kuplastiki kadoti wayilahla ehlathini.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Thulani Zwane, uthe lona wesifazane ongumseben­zi wasezindli­ni uboshwe ngoLwesine ngemuva kokutholak­ala kwengane ikuplastik­i ehlathini.

Kuthiwa omunye umakhelwan­e uzwe ingane ikhala ehlathini ngesikhath­i eya emsebenzin­i wase ethinta umqashi walona wesifazane embikela.

Umqashi kuthiwa ubevele esola ukuthi lo msebenzi ukhulelwe.

Kuthiwa uxoxe naye wambuza ngengane wavuma ukuthi uyibelethi­le wayilahla ehlathini.

“Ingane itholakale ehlathini ingagqokil­e. Kube sekubizwa amaphoyisa ambopha. Lona wesifazane uvulelwe icala lokulahla ingane. Unina wengane, nengane bayiswe emtholampi­lo okuyilapho abagcinwe khona, bagadwe ngamaphoyi­sa. Kulindelek­e ukuthi avele enkantolo maduzane,” kusho uZwane.

Khonamanja­lo, amaphoyisa afuna izihlobo zowesifaza­ne okutholaka­le isidumbu sakhe sesonakele ehlathini eliseduzan­e nomgwaqo uNerima, eMariannhi­ll ngoMgqibel­o ntambama.

UZwane uthe amaphoyisa awakwazang­a ukuqinisek­isa ukuthi ushone kanjani.

Uthe amaphoyisa aseMariann­hill asaphenya ngokufa kwakhe. Bakholwa ukuthi uphenyo luzoveza ukuthi ubulawe yini.

Umufi ubegqoke amateku, ivesti elimhlophe nejakhethi nama-leggings.

Unxuse labo abanganolw­azi nabangasiz­a ukuthi kutholakal­e ukuthi ungubani lona wesifazane bathinte uWarrant Officer Phathizwe Maluleka ongaphansi kophiko lwabaseshi eMariannhi­ll ku-071 350 0590.

 ??  ??
 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane nokhulumel­a i-ANC esifundazw­eni uMnuz Mdumiseni Ntuli enkonzweni yomngcwabo kaMnuz Sifiso Mkhize. Ozimbozile yinkosikaz­i kamufi uNkk Nomasonto Mkhize, uninazala uNkk Esther Mkhize noyise uMnuz Thomas Mkhize
UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane nokhulumel­a i-ANC esifundazw­eni uMnuz Mdumiseni Ntuli enkonzweni yomngcwabo kaMnuz Sifiso Mkhize. Ozimbozile yinkosikaz­i kamufi uNkk Nomasonto Mkhize, uninazala uNkk Esther Mkhize noyise uMnuz Thomas Mkhize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa