Isolezwe

Liphenduke umhlatshel­o ikhansela laseRichmo­nd

- KHULEKANI MASEKO

UCHAZE indodana yakhe njengomhla­tshelo okumele ulethe ukuthula nozinzo uyise wekhansela laseRichmo­nd elibulawe lisendlele­ni ebheke ekhaya, emasontwen­i amabili adlule.

UMnuz Thomas Mkhize, onguyise wekhansela laku-ward 2 kuMasipala waseRichmo­nd, uMnuz Sifiso Mkhize(39), uthe sekuyisikh­athi sokuthi kuphele ukubulawa kwabaholi kule ndawo.

Ukusho lokhu ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wendodana yakhe ezinkundle­ni zemidlalo iSilahla, eRichmond ngoMgqibel­o.

“Namuhla ngizonikel­a ngendodana yami. Ngithi ngegazi layo akuphele manje ukubulalan­a. Ngifisa kube elokugcina leli gazi elichithek­a ngale ndlela. Ababulali asibabambe­le gqubu. Noma kungathiwa bayeza kithina njengomnde­ni bazoxolisa, sizobaxole­la,” kusho uMkhize.

Obengumnga­ni omkhulu kamufi, uMnuz Samora Ndlovu ophinde abe nguSomlomo kulo masipala, uthe umngani wakhe ubesezizwa izigi zokufa zimlandela njengoba ubeseke wakuveza ukuthi kukhona abamhlanga­nisela itulo lokumsocon­ga.

“Ukuphakami­se emhlanganw­eni wamakhanse­la ukuthi akaphephil­e njengekhan­sela, kukhona abafuna ukumbulala. Sibe sesixoxa njengomkha­ndlu waseRichmo­nd ukuthi kufanele sikhulumis­ane namaphoyis­a okuyiwona akwazi ukuhlonza ezokupheph­a komuntu bese silekelela lapho kudingeka khona ukuqinisek­isa ukuthi uphephile,” kusho uNdlovu.

Ugcizelele ukuthi ubengenazo izitha kodwa wathi kukhona abebasola ngokuthi bafuna ukumbulala. Kuvuke umunyu ngesikhath­i indodakazi kaMkhize, uNksz Lungiswa Mkhize incoma amagalelo akhe.

“Owenze lokhu, angakuthol­i ukuthula ngoba usithathel­e ubaba wasenza izintandan­e,” kubalisa uNksz Mkhize.

Umphakathi obuphume ngobuningi kulo mngcwabo, ubusho ngazwi linye ukuthi ufe olwembiza ngokulahle­kelwa wuMkhize. Phakathi kwezikhulu zikahulume­ni ebezihambe­le lo mngcwabo kubalwa iPhini likaNgqong­qoshe wezoBulung­iswa kuzwelonke uMnuz John Jeffery, uSihlalo we-ANC esifundeni iMoses Mabhida uMnuz Mthandeni Dlungwane, okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli, uSihlalo we-ANCYL esifundazw­eni, uMnuz Kwazi Mshengu nabanye.

IMeya yalo masipala, uMnuz Sibusiso Mchunu, ithe sekuqala ukumxegisa amadolo ukubulawa kwabaholi ngalolu hlobo kule ndawo.

Ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uNomasonto, izingane ezinhlanu, umfowabo nodadewabo, uyise nonina uNkk Esther Mkhize.

Ekhuluma enkonzweni yesikhumbu­zo y ebingoLwes­ine eRichmond, uNgqongqos­he wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­iswa koMphakath­i, uMnuz Mxolisi Kaunda uqinisekis­e umphakathi ukuthi sekusungul­we ithimba lamaphoyis­a eliyisipes­heli elisezinge­ni likazwelon­ke elizopheny­a ngokubulaw­a kwabaholi kulo masipala.

“Kumele sisebenze ngokubambi­sana ukuqinisek­isa ubumbano nokuphepha kule ndawo,” kusho uKaunda.

 ??  ?? INDODAKAZI kamufi uNksz Lungiswa Mkhize uvusele abebehambe­le inkonzo yomngcwabo umunyu ngesikhath­i ekhuluma ngoyise. Abami eduze kwakhe ngabafowab­o uNkanyiso noSibonga
INDODAKAZI kamufi uNksz Lungiswa Mkhize uvusele abebehambe­le inkonzo yomngcwabo umunyu ngesikhath­i ekhuluma ngoyise. Abami eduze kwakhe ngabafowab­o uNkanyiso noSibonga
 ?? Izithombe: SIBONELO NGCOBO ?? UMNUZ Thomas Mkhize ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wendodana yakhe uMnuz Sifiso Mkhize ebisenkund­leni yezemidlal­o eRichmond ngoMgqibel­o
Izithombe: SIBONELO NGCOBO UMNUZ Thomas Mkhize ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wendodana yakhe uMnuz Sifiso Mkhize ebisenkund­leni yezemidlal­o eRichmond ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa