Isolezwe

UMaine uphumele obala ngoSabelo

- BONGANI HANS

UMENGAMELI wophiko lwentsha lwe-ANC uMnuz Collen Maine uthi uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo unamava okuba ngumengame­li walolu phiko uma sekuyiwa engqungqut­heleni yentsha ngonyaka ozayo.

“Ngiyamnika isibusiso, angaba ngumengame­li,” kusho uMaine.

Okhulumela i-ANCYL kulesi sifundazwe, uMnuz Mandla Shange, uthe akukabhung­wa ngendaba ethinta ubuholi kulolu phiko.

“Asikho isinqumo esisathath­iwe. Kwayena uMaine uke wakhuluma ngale nto,” kusho uShange.

Uthe uMaine noSabelo bayazwana njengoba bengabahol­i.

Le ngqungquth­ela uSabelo (31) angathatha kuyo izintambo kuMaine kulindelek­e ukuthi ibe ngoSepthem­ba ngo-2018.

Omunye wabaholi be-ANCYL esifundeni iTheku, onqabile ukudalulwa, uthe kuningi okungashin­tsha ngoba uSepthemba usekude.

Uthe uSabelo uyasekwa amagatsha alolu phiko.

“Sisasalelw­e unyaka nezinyanga ezimbili ngaphambi kwengqungq­uthela. Asikwazi ukukhuluma ngo-2018 manje.”

UMaine ngeke akwazi ukuqhubeka nelinye ihlandla njengoba eno-34 ekubeni iminyaka ebekiwe u-35.

Omunye wabaholi uthe uSabelo uzoba ngumengame­li olandelayo wentsha.

“Akuyona into esithanda ukuyikhulu­ma le okwamanje ngoba kuzosuke kumenze ajahe. Kuzokwenza nokuthi abaphikisa­na naye bamgxeke.”

USabelo ungomunye wabantu abaziwayo ukuthi weseka uMengameli Jacob Zuma noDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi athathe izintambo kwiANC ekupheleni konyaka.

Imizamo yokuthola uSabelo izolo ayiphumele­langa, ucingo lwakhe beluvaliwe.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? OWAYENGUNG­QONGQOSHE wezeziMali kuleli uMnuz Pravin Gordhan exoxa noMnuz Thanduxolo Sabelo onguNobhal­a awe-ANC Youth League KwaZulu-Natal osekwa ngumholi wentsha kuzwelonke ukuthi abe nguMengame­li walolu phiko ngonyaka ozayo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO OWAYENGUNG­QONGQOSHE wezeziMali kuleli uMnuz Pravin Gordhan exoxa noMnuz Thanduxolo Sabelo onguNobhal­a awe-ANC Youth League KwaZulu-Natal osekwa ngumholi wentsha kuzwelonke ukuthi abe nguMengame­li walolu phiko ngonyaka ozayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa