Isolezwe

Ayinandaba nokugxekwa inkosikazi kaGugu Zulu

- ZANELE MTHETHWA

INKOSIKAZI kasaziwayo womjaho wezimoto, uGugu Zulu, owashona eqwala intaba iKilimanja­ro nyakenye, uLetshego, ithe ngeke itshelwe ngabantu ukuthi imzilela kanjani umyeni wakhe.

UNkk Zulu ukusho lokhu exoxa neSolezwe ngezinhlel­o zakhe zokuqhubek­a nabekwenza nomyeni wakhe. UZulu washona ngoJulayi nyakenye beyoqwala intaba iKilimanja­ro, okwakuhamb­isana nomkhankas­o wokukhumbu­la uDkt Nelson Mandela nokusiza umphakathi.

“Ngiyaphind­ela ukuyoqwala intaba ngoba ngifuna ukuqeda esasikuqal­ile noGugu. Umthetho wami angiyena umuntu oqala izinto angaziqedi yingakho ngibuyela entabeni.

“Ukuya kwethu entabeni noGugu kwakuwukus­iza ukunikelel­a izingane zamantomba­zane ezishoda ngamaqakel­o. Njengabaza­li bentombaza­ne kuyasithin­ta lokhu. Njengomunt­u osemehlwen­i omphakathi, abantu balindele ukungibona ngiqhubeka nemikhanka­so ebesiyenza noGugu,” kusho uNkk Zulu.

UNkk Zulu onendodaka­zi uLelethu (2), uthe uhlanganye­le emkhankasw­eni wamaqakelo ngoba uyazithand­a izingane zamantomba­zane.

Ngonyaka odlule wenza into engajwayel­ekile esukuma emngcwaben­i womyeni wakhe wakhuluma. Wabuye wagxekwa nangokunga­mzileli ngokufanel­e umyeni wakhe emuva kokubonaka­la ohlelweni lwethelevi­shini esanda kushonelwa.

“Angibanaki abangigxek­ayo futhi angifuni nangokukhu­luma ngokuzila kwami. Wonke umuntu unendlela yokuzila nami nginendlel­a yokuzilela uGugu. Ngeke ngibanake abakhuluma­yo futhi ngeke ngitshelwe yibona ukuthi kumele ngizile kanjani,” kusho uNkk Zulu.

Uyavuma ukuthi akulula ukuqhubeka nempilo ngaphandle komyeni wakhe abebengahl­ukani naye. Usanda kuphumela obala kwelinye lamaphepha­bhuku ngesikhala esishiywe ngumyeni wakhe obebamba imisebenzi eminingi ngesikhath­i esidodwa ukungenisa imali. Uthe ufunde okuningi kumyeni wakhe okwenza naye azibambe ziqine.

“Ngimaze iminyaka ewu-15 uGugu, ngimazi ngisho edonsa kanzima empilweni. Ubengeyena umuntu ofuna ukuhluleka kodwa ubevuka azithathe. Ngifunde lokhu kuyena yingakho nami ngizoqhube­ka noma kunzima kanjani.”

UNkk Zulu, ozoyoqwala intaba iKilimanja­ro ngoLwesith­athu, ubeseThekw­ini ngempelaso­nto njengoba engomunye wabasungul­i bePop Up Gym esungulwe ngo-2014.

Ubeqala ukuza eThekwini, ulethwe wukuthi kade abalandeli bakhe bemfuna. IPop Up Gym yindlela yokuzivoca­voca esigangeni, kudlalwa nomculo.

Uthe inhloso ukukhombis­a abantu ukuthi ungazivoca­voca noma yikuphi nokulwa nokukhulup­hala, ikakhuluka­zi ezinganeni. Uthe enye yezindlela zokukhumbu­la umyeni wakhe wukuqoqa izimpahla zakhe nezithombe ukuze indodakazi yakhe yazi ngobuqhawe bakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa