Isolezwe

Semukelwe isiphakami­so se-ANC samaqakelo

- MHLENGI SHANGASE

SAMUKELIWE isiphakami­so se-ANC sokuthi uhulumeni anikeze abafundi bamantomba­zane amaqakelo ukuze bangalovi esikoleni uma besesikhat­hini.

Lesi yisiphakam­iso esenziwe yingqungqu­thela yenqubomgo­mo ye-ANC ephele ngoLwesith­athu eNasrec, eGoli.

UMnuz Buti Manamela obesekomit­ini elibheka impilo yomphakath­i kwi-ANC, uthe amalungu aphakamise ukuthi abafundi besifazane banikwe amaqakelo ukuze bangabi nenkinga uma besesikhat­hini.

“Kumele banikwe amaqakelo ukuze bakwazi ukukhulule­ka noma besesikhat­hini. Lokhu kuzokwehli­sa izinga lokulova kwabafundi, iningi labo elingezi esikoleni ngoba lingenawo,” kusho uManamela.

Okhulumela uphiko lwentsha lwe-ANC, uMnuz Mlondi Mkhize, usishayele ihlombe isiphakami­so wathi sizovala igebe lalabo abakwazi ukuzitheng­ethela nalabo bafundi abahluleka­yo ukuzitheng­ela amaqakelo.

“Lokhu kuzosiza kakhulu ngoba abafundi besifazane bazobuyelw­a yisithunzi. Kunzima zinyanga zonke kubafundi ngoba kudingeka balove ukuze bangabonwa ozakwabo ukuthi abanawo amaqakelo,” kusho uMkhize

UNobhala jikelele wophiko lwabesifaz­ane kwi-ANC, uNksz Meokgo Matuba, naye usishayele ihlombe lesi siphakamis­o wathi sizonika inhlonipho amantombaz­ane.

“Siyajabula ukuthi ingqungqut­hela iphakamise ukuthi abesifazan­e abancane banikwe amaqakelo uma besafunda. Sizoya engqungqut­heleni ngoDisemba sesiyoshay­elela isipikili sokugcina kulolu daba,” kusho uNksz Matuba.

UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlugwane, waqhamuka nombono wokuthi kusatshala­liswe amaqakelo ezikoleni zesifundaz­we.

Umnyango uqale ukunikezel­a ngamaqakel­o ngonyaka wezimali. Wabeka eceleni u-R20 million wokuthenga wona.

Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe umnyango wesifundaz­we uhamba phambili ngezinhlel­o zokuthuthu­kisa umphakathi.

Uthe yingakho uDlungwane waqhamuka nohlelo lokuthi kusatshala­liswe amaqakelo.

“Kulo nyaka wezimali sibeke eceleni u-R60 million ngoba baningi abafundi abadinga lolu sizo. Siyajabula ukuthi umbutho wabantu uphakamise ukuthi kunikezwe bonke abafundi amaqakelo,” kusho uMthethwa.

Uthe ziningi nezinye izinhlelo uDlungwane azoqhamuka nazo eminye iminyango engasika kuzo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa