Isolezwe

‘Ngamanga okushiwo ngoMotshek­ga’

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHULU soMnyango weMfundo eyisiSekel­o uthi ingamampun­ge imibiko esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a yokuthi abafundi abangazixa­ki kakhulu ngezincwad­i ngala maholidi ngoba ukufunda ngokweqile kubanga umdlavuza wengqondo.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe ingamanga imibiko ethi lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe, uNkk Angie Motshekga.

UMhlanga uthe imibiko iveza sengathi uNkk Motshekga uthe abafundi abazinakek­ele ngale maholidi baphumule, bangafundi kakhulu ngoba ukufunda ngokweqile kudala umdlavuza.

“UNgqongqos­he akazange asho ukuthi abaphumule bangazithi­nti izincwadi. Imibiko ingamanga,” kusho uMhlanga.

Uthe uNkk Motshekga uyakugqugq­uzela ukufunda futhi uhlale enxusa abafundi ukuthi isikhathi esincane abasithola­yo kumele basisebenz­isele kona. “Uhlale egqugquzel­a abazali ukuthi bathengele abafundi izincwadi zokuzifund­ela kunokuthi bathenge amathoyizi. Njengoba kungamahol­idi abafundi mabaqhubek­e bafunde uma bethola isikhathi njengoba kumele ngosuku bafunde okuthile imizuzu engu-30,” kusho uMhlanga. Uthe kuneminye imibiko ethi uNgqongqos­he ufuna ukusiza labo abangasiqe­danga isikole ngokuthi abanike izitifiket­i zika-matric. “Eminye yemibiko futhi lena engelona iqiniso ukuthi labo abangaqeda­nga ukuze bathole imisebenzi bazonikwa izitifiket­i zikamatric, uma nje bekwazi ukufunda nokubhala. Azikho izinhlelo zokuthi kuphiwe izitifiket­i labo abangenawo u-matric,” kusho uMhlanga. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqaphele imibiko engelona iqiniso, esabalala ezinkundle­ni zokuxhuman­a. “Le mibiko idukisa umphakathi ukuze abantu balahlekel­we yithemba kuhulumeni. Siyayigxek­a kakhulu ngoba yenza inhlekisa ezemfundo,” kusho uMhlanga.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa