Uzokwethulwa umbiko ngamabandla
UZOKWETHULELWA abezindaba kusasa umbiko wophenyo lwabefundisi obelwenziwa yiKhomishini eVikela iNkolo, Izilimi namaSiko.
USihlalo wekhomishini, uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, uzokwethula umbiko emahhovisi abo eBraamfontein, eGoli. Uphenyo luqale ngo-2015, kuhloswe ukubheka ukuthi amabandla awenzi yini inzuzo ngenkolo nokuthi abefundisi abahlukumezi yini amalungelo abantu.
Uphenyo lwamenyezelwa ngoAgasti 2015 lwaqalwa ngoNovemba kuhanjelwa zonke izifundazwe. Ukuphenywa kwabefundisi kususwe yimigilingwane eyenziwa ngabanye.
UNkk Mkhwanazi-Xaluva, utshele Isolezwe ukuthi lo mbiko obubhekwe ngabomvu bekulindeleke wethulwe ePhalamende kuqala ngaphambi kokuthi unekelwe abezindaba. Wethulelwe ikomiti lezokuBusa nokuBambisana nezindaba zoMdabu ePhalamende, emasontweni amabili edlule.
“Sifisa ukuthi iPhalamende lisheshise ekutheni kusungulwe ikomiti elizolawula abefundisi. Miningi imigilingwane eyenziwa ngabefundisi, okungelula ukuthatha izinyathelo kungekho umthetho obalawulayo. Ngisho abameli banalo ikomiti labo, okuthi uma kukhona okuphambene nomthetho baphucwe izincwadi zokusebenza. Kumele kube njalo nakubefundisi ngoba kuzoba lula uma kuyisigungu sabo esizolawula abenza okuphambene,” kusho uNkk Mkhwanazi-Xaluva.
Uthe sebelinde ukuthi iPhalamende liwucubungule umbiko bese kuyabonakala ukuthi siyezwakala yini isiphakamiso sabo sokulawulwa kwabefundisi. Ikhomishini ifuna baphucwe amagunya okuhola amabandla abefundisi abazotholakala benyathela amalungelo abantu nabasebenzisa ibandla ukwenza inzuzo.
Isitatimende esithunyelwe yikhomishini, siveze ukuthi kulo mbiko kuzovezwa ukuthi yini eyenza abantu balutheke kalula uma kukhulunywa ngenkolo. Ethimbeni lophenyo bekukhona abeluleki bezengqondo, osonhlalakahle nezinye izinzululwazi. Umbiko uphothulwe ngoNovemba nyakenye kwacelwa abefundisi ukuthi bafake izincomo neziphakamiso ngaphambi kokuthi udluliselwe ePhalamende. Abefundisi bacela ukwelulelwa isikhathi sokucubungula umbiko, bafaka imibono yabo ngoJanuwari. Uphenyo lwabefundisi lususe umsindo abanye bekhala ngokuthi ikhomishini igxambukela enkolweni yabo.
UNkk Mkhwanazi-Xaluva wagcina esongelwa ngamanye amalungu amabandla.
Phakathi kwabefundisi abavele phambi kwekhomishini yophenyo kubalwa uMfundisi Hamilton Nala waseThekwini, uMfundisi Penuel Mnguni odume ngokudlisa abazalwane izinyoka noMphrofethi Paseka Motsoeneng odume ngelikaMboro.