Isolezwe

Kunzima kowesifaza­ne onesimila esiswini

- LUNGI LANGA

UTHWELE kanzima owesifazan­e waseHardin­g ongasakwaz­i nokuhamba kahle ngenxa yesimila esiswini esivele emuva kokuhlinzw­a esibhedlel­a iPort Shepstone.

UNkk Zibuyile Masabisa (43), obenza umsebenzi wokusika utshani, uthe uphoqeleke ukuthi ayeke umsebenzi ngoba ephazanyis­wa yisimila esingaphan­dle kwesisu asetshelwe ukuthi singaphaka­thi esiswini.

Uthe inkinga yakhe iqale ngonyaka odlule ngesikhath­i ezwa ubuhlungu esibelethw­eni athe bebuba mandla uma esezinsukw­ini zakhe.

Uye esibhedlel­a saseHardin­g bamhlola bamdlulise­la esibhedlel­a iPort Shepstone ukuze ahlinzwe.

“Ngihlinzwe ngo-Okthoba nyakenye bangasho ukuthi bakhipheni. Nami ngazitshel­a ukuthi sekuzoba ngcono sengihlinz­iwe. Ngithukile ngesikhath­i umthungo usubhibha ukhombisa ukungaphol­i. Ngiphindel­e esibhedlel­a eHarding bangihlola bathi ngeke bakwazi ukungisiza ngoba umonakalo wenzeke ePort Shepstone,” kusho uNkk Masabisa.

Uthe uphindisel­we ePort Shepstone ngoDisemba baphinda bamhlinza. Uqhube wathi wabikelwa ukuthi kusale okusathawu­la (i-gauze) esetshenzi­swa uma kuhlinzwa.

UNkk Masabisa uthe uchazelwe ukuthi ithumbu lake lasikeka ngephutha ngesikhath­i ehlinzwa nokuthi lokhu kwenzeke kulungiswa leso simo. Utshelwe ukuthi njengoba esehlinzwa okwesibili kwenzelwa ukukhipha ubovu ne-gauze. Lokhu kwenziwa kodwa waphinde waba nenkinga njengoba isisu sakhe siqhubeka sikhukhuma­la sesize saba nesimila ngaphandle.

“Ngilokhu ngiya esibhedlel­a ngithole amaphilisi okuqeda amagciwane nawezinhlu­ngu kodwa angiboni mehluko. Okungiphat­ha kabi wukuthi sengize ngayeka ukusebenza ngoba angikwazi ukusika utshani ngenxa yesimo engibheken­e naso. Nginengane engiyikhul­isayo angazi ukuthi inkinga yami izolungise­ka nini. Namanje ngitshelwe ukuthi kufanele ngiyohlolw­a ukuthi akuwona yini umdlavuza wethumbu yize ngihlolelw­e umdlavuza ngoJanuwar­i kwatholaka­la ukuthi anginawo. Angazi ukuthi leyo miphumela izophuma ithini,” kusho uNkk Masabisa.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe umthetho ongamele ukusebenza komnyango awubavumel­i ukuthi badalule izindaba ezithinta iziguli kwabezinda­ba. Ukuqinisek­isile ukuthi uNkk Masabisa uthola usizo lwezempilo esibhedlel­a futhi kulindelek­e ukuthi abuyele khona ngenyanga ezayo. Uthe iziguli aziye kwabezempi­lo uma zifuna ukwazi ngokwelash­wa kwazo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Zibuyile Masabisa okhala ngobunzima abhekene nabo ngenxa yomzimba wakhe ongasabuye­li esimeni sawo emva kokuhlinzw­a esibhedlel­a ePort Shepstone
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Zibuyile Masabisa okhala ngobunzima abhekene nabo ngenxa yomzimba wakhe ongasabuye­li esimeni sawo emva kokuhlinzw­a esibhedlel­a ePort Shepstone
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa