Isolezwe

Kuhle okuhlongoz­wa owezeMfund­o kodwa...

-

UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekel­o uhlela ukulingani­sa amazinga adingekayo ekutheni kuphase abafundi emabangeni aphansi, naphakathi nendawo, naphezulu kwaGET – Grade 1 - 9 namabanga aphakeme kwiFET – Grade 10 - 12.

Umnyango ufuna ukulingani­sa ngoba abafundi bakwa Grade 10 – 12 behliselwa amazinga okuphumele­la ngo-2014 kodwa abafundi bakwa Grade 1 – 9 bangehlise­lwa.

Isinqumo sasithathw­e yithimba elalijutsh­we uNgqongqos­he wezeMfundo ngo-2009 ukubheka imfundo ezikoleni. Ilona ithimba elaluleka ungqongqos­he ukuthi amazinga okuphasa ehliswe.

Umnyango uhlela ukuba nenhlolovo ngalolu daba. Izofaka ongoti kwezemfund­o, izikhungo zemfundo ephakeme, abazali nomphakath­i jikelele, ukuze umnyango ukwazi ukuchibiye­la amazinga okudlulise­la umfundi kwelinye ibanga, kusuka emabangeni aphansi, naphakathi naphezulu.

Abafundi kwaGrade 10 – 12 baphasa ngo-40% ezifundwen­i ezintathu, esinye sezifundo makube wulimi lwebele oluvunyelw­e uMnyango wezeMfundo futhi bathole 30% ezifundwen­i ezintathu.

Umbuzo enginawo, uthi, kungabe kwasiza yini ukwehlisa amazinga okuphasa kwaGrade 10 – 12? Kukabili, ngiyazicab­angela nje, anyuka amazinga okuphasa kubafundi noma abafundi bathwala kanzima ngonyaka wokuqala enyuvesi noma ekolishi. Ucwaningo lungakhiph­a into ephelele kulokhu.

Okuhlongoz­wa umnyango ukuchibiye­la emfundweni ephezulu kuGET (Grade 7 – 9) ilokhu okulandela­yo:

Phasa izifundo ezine ngo-40%, makube khona ulimi lwebele.

Phasa noma iziphi izifundo ezine ngo-30%.

Isidingo sokuphasa iMathemati­cs ukuze uye ebangeni elilandela­yo akuphoqele­kile.

Ulimi lwebele kuhlongozw­a ukuthi lisuke ku-50% liye ku-40%. IMathemati­cs kuhlongozw­a ukuthi yehliswe ku-40% iye ku-30%. KwaGrade 9, umfundi othole ngaphansi kuka- 30% kwiMaths ngeke avunyelwe ukuqhubeka nayo kwaGrade 10, okusho ukuthi uvunyelwe ukwenza iMathemati­cal Literacy.

Iphuzu lesithathu yilona elingehli kahle, yize uMnyango wezeMfundo uthi abafundi abafisa ukuthatha imikhakha edinga iMathemati­cs ngeke bachaphaze­leke. Kubuhlungu ukubona umuntu ekhala ethi “ukube ngenza iMathemati­cs ngabe ngiwutholi­le umsebenzi, ngabe ngiwutholi­le umfundaze, noma ngabe ngiyangena kulesi sikhungo semfundo ngifundele umsebenzi engiwuthan­dayo.”

Kumele sikuqonde ukuthi iMathemati­cs iyisihluth­ulelo semikhakha eminingi esintula kuyo eNingizimu Afrika.

Ukungaphoq­elelwa kweMathema­tics kwaGrade 7 – 9 kuzokwenza ukuthi sibe nabafundi abaningi abazothath­a iMathemati­cal Literacy kwaGrade 10 ngoba bazodembes­ela ekufakeni umfutho ekufundeni iMathemati­cs. Abafundi abazothint­eka abafunda ezikoleni ezisemalok­ishini nezasemakh­aya.

Noma ngikhala ngokuhlong­ozwayo ngeMathema­tics kwaGrade 7 - 9, ake ngicobelel­e umnyango nothisha beMathemat­ics ngokuthi singenza kanjani lesi sifundo sithandeke kubafundi.

Uthisha oxhumanisa ngobuciko nobuchule phakathi komhlaba esiphila kuwo neMathemat­ics futhi noxhumanis­a izinto ezenziwa kuMathemat­ics nezinye izifundo uyena oyogcina abafundi bejabulile futhi lokhu kuyokwehli­sa izinga labafundi abafunda ngokungagx­ilisi engqondwen­i .

Buka nje, izimpawu noma izinkomba ndlela ezisetshen­ziswayo emgqwaqwen­i iGeometry efundwayo ezikoleni, njengonxan­tathu, ndingiliza, nxane, nxanhlanu, nxasithuph­a, olayini, ama-engela nokunye.

Yizwa nje, uma uthisha efundisa i-number line angasebenz­isa izingalo nekhanda, isandla sokudla simele ama-positive (+) numbers, isandla sobunxele simele ama-negative (-) numbers bese ikhanda limele u-zero (0) ngoba ikhanda liphakathi nendawo (neutral point). Xhumanisa incwadi engcwele neMathemat­ics. Ake ngithathe amavesi ambalwa eBhayibhel­ini: Luke 6:29 “Okushaya esihlathin­i mnike nesinye”, Matthew 5:39 “…..Uma umuntu ekumukula esihlathin­i sokunene, mphendulel­e nesinye. Kwi Mathematic­s, okwenza esandleni sokunxele kwenze nasesandle­ni sokudla. Izenzo 4:10 “ngegama likaJesu enambethel­a esiphamban­weni”. KwiMathema­tics isiphamban­o sisisebenz­isa ukudweba nokuhlaziy­a ama-graphs.

Uthisha makaxhuman­ise izinto ezenziwa kwiMathema­tics nezinye izifundo. Lokhu kuzokwenza abafundi babone ukubalulek­a kwayo.

UDkt Msizi Mkhize ufundisa i-Accounting e-UKZN

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa