Isolezwe

Yikuphi esikwenzay­o ukulwa nezidakami­zwa?

-

ISIHLAVA sezidakami­zwa esihlasele emphakathi­ni akumele kube yijoka lomuntu othize kuphela kepha sekudinga ukuthi kubanjiswa­ne ukuze inqotshwe le mpi.

Ngendlela izidakamiz­wa esezimoshe ngayo, sekumele ukuthi uma kuvela lapho zimosha khona noma kuvela labo abazishush­umbisayo, sibambisan­e siwumphaka­thi ukulwa nakho.

Ngeledlule sibike ngehlazo lapho kuthiwa ababhema isidakamiz­wa esesibhubh­isile eThekwini namaphethe­lo, sebethaka iwunga nomlotha wabantu abawuntsho­ntsha lapho imindeni igcina khona umlotha wabathandi­weyo babo.

Lolu daba lubikwa nje luvukuzwe yi-IFP lwadalulwa ngokhulume­la i-IFP kwezokuPhe­pha koMphakath­i, uMnuz Blessed Gwala.

UGwala unxuse uhulumeni waKwaZuluN­atal ulusukumel­e udaba lokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa.

Ube esefuna izimpendul­o kuhulumeni wesifundaz­we ngokuthi usuwenzeni ukuzama ukuxazulul­a le nkinga yokuhuqwa kwezidakam­izwa, ikakhuluka­zi iwunga.

Yebo uhulumeni kufanele aqhamuke namasu okugwema ukushushum­biswa nokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa, uphinde usize nalabo asebehaqwe yilolu bhubhane.

Kepha kufana nokwenza umsebenzi wenkawu ukuthi silindele uhulumeni enze lokhu ekubeni singamalun­gu omphakathi lapho sihlala khona siyazi imizi okudayiswa kuyo iwunga, insangu nezinye izidakamiz­wa.

Abantu ababulala isizwe bayaziwa okusho ukuthi zimbili izinto ezingalung­ile emphakathi­ni.

Okokuqala wukuthi singamalun­gu omphakathi ancamela ukuziba esikhundle­ni sokuba qotho sibe nesibindi sibhekane ngqo nenkinga.

Okunye kungaba wukuthi kumele kusolwe amaphoyisa ngokushush­umbiswa kwezidakam­izwa nokungabab­ophi abathintek­ayo.

Noma ngabe amalungu omphakathi kawabikang­a kepha amaphoyisa kumele azi ngokwenzek­a endaweni, kakade aqeqeshelw­e ukuphenya. Amaphoyisa aphethwe nguhulumen­i, singawukho­mba lapho uhulumeni siwusole kepha kumele sizikhombe nathi singumphak­athi, sizibuze ukuthi thina senzani ukulwa nalesi sihlava.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa