Isolezwe

Ngeke buze buphele ubugebengu uma kusenje

-

MHLELI: Izwe lonke likhala ngobugenge­bu obubhiliti­le obuhlalise kabi amalungu omphakathi. Into okumele yaziwe ngobugeben­gu wukuthi abenzi babo ngabantu esiphila nabo lapha emhlabeni.

Kukhona abazali abaziphike­layo izingane zabo ukuthi zenza ubugebengu. Kungagcini lapho bona abazali bahambela izingane zabo ezinyangen­i ezidumile ezinomuthi wamacala khona zizowawina. Kwesinye isikhathi bona abazali bakhokhe amademeshe azo izingane zabo. Pho-ke lezo zingane zingayeka kanjani ekubeni zinabazali abazithand­ayo nabazikhat­helelayo? Kukhona izinyanga okuyiwa kuzo, zikhokhelw­e khona izigebengu zizoba ngophunyuk­a bemphethe. Inqobo njena uma zithole imali, azinandaba nomphumela wobugebeng­u bazo.

Pho-ke ubugebengu bungayekwa kanjani na? Kukhona amaphoyisa akhohlakel­e (hhayi wonke) asebenzisa­na nezigebeng­u ekutheni kubanjwe inkunzi kuhlonyiwe. Kukhona amaphoyisa agwazelway­o khona ubugebengu buzoba yimpumelel­o. Pho-ke inkunzi ingayekwa kanjani? Kukhona ojele abashushum­bisa izinto beshushumb­isele iziboshwa.

Pho-ke ubugebengu bungaphela kanjani? Kukhona amalungu omphakathi ahlala efakaza ngendlela okungeyona khona kuzophunyu­ka abangani bawo. Pho-ke ubegebengu buzophela kanjani? Kukhona abafundisi abazigqaja ngokuthi basebenzel­a uNkulunkul­u kodwa bebe befihle izenzo zabo zokungcola, abanye bacebile ngokuqola imali yabantu egameni likaNkulun­kulu. Pho-ke ubegebengu bungaphela kanjani sekugetshe­ngwa ngisho endlini kaJehova?

Kumanje uMthethosi­sekelo uvuna izigebengu ezibulala abantu, zidlwengul­e kubanjwe inkunzi kuhlonyiwe kodwa zibizwa ngabasolwa. Sukiyani-ke yena umsolwa wansondo usenikwa ummeli okuthiwa ngowamahha­la noma okhokhelwa nguhulumen­i. Lutho lowo mmeli ukhokhelwa yibo njalo abakhokhi bentela.

Pho-ke ubugebengu buzopheka kanjani? Ubugebengu buzophela kanjani ekubeni ngisho nezikhulu zombuso zingaboshw­a uma zikhwabani­sa imali yabakhokhi bentela? Ingani uma sekutholak­ele ukuthi isikhulu sezwe sikhwabani­sile esikhundle­ni sokuba sixoshwe futhi siboshwe, sukanini madoda sivese sigixabezw­e ngezizumbu­lu zezigidi zamaRandi ukubonga ukuthi sikhwabani­se kahle. Ngakho nezingane ngeke zibusabe ubegebengu ngoba ziyabona ukuthi buyakhokhe­la. Yisemkhulu Nzimande. EPORT SHEPSTONE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa