Isolezwe

Mabanganxe­shezelwa abadla umhlaba wethu

-

kwalokho kufike osaveya abantu batshelwe ukuthi abasuke kuleyo ndawo sekungeyom­lungu.

Kumanje lezo zindawo zilinyiwe, kunamahhot­ela abelungu babehlukan­iselana nje babelana nezihlobo zabo ngendawo yethu. Thina ngapha sidlala ububha asinawo nomhlaba wokulima.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi ngenkathi bedla umhlaba bacima nobukhosi imbala. Inkosi eyayisiphe­the, uGilibethe kaJongilan­ga, kaGaduphi, kaMgwabash­e, kaNgwane kaVazi yaphucwa umhlaba wayo nengxenye yokugcina yomhlaba osemahhele­kehleni eMzimkhulw­ana.

Baqala izimayini (SimumaDwal­a-NPC), inkosi yaboshwa nabanumzan­e bendawo, imfuyo yathathwa yayogcinwa ephawundin­i. Kumanje singonding­asithebeni ekubeni sasinomhla­ba owawucebil­e sizilimela kuwona bathatha konke okwakungam­agugu esizwe.

Basihlukum­eza impela ngokudla umhlaba wethu futhi kufanele bakhokhe banganceng­wa.

Siwumphaka­thi walesi sizwe samaDunge esathathel­wa izwe ngendluzul­a ngaphandle kwesinxeph­ezelo, siyawuhlon­ipha umthetho olawula izwe futhi siyojabula uma uphumelela lo ohlongozwa­yo. Sesilibazi­seke kakhulu ngezizathu eziningi. Le yokuthi abakhokhel­we abelungu uma kuthathwa umhlaba angiyizwa kahle ngoba bavele bawabizise amapulazi kube nzima ukuthi athengeke ukuze abuyiselwe kubanikazi bawo okungabant­u abamnyama. Yingakho sivuma ngo elethu kulo mthetho ohlongozwa­yo wokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.Nabo abasinxeph­ezelanga. Chilizamam­buka kaNtshebez­imnandi Mdunge EMADUNGENI, KWAGADUPHI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa