Isolezwe

‘Umbiko omuhle uncike kinina’

- KHULEKANI MASEKO

UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukhwele wadilika ezikhulwin­i ezibhekele ukuphathwa kwezimali komasipala ezingawenz­i umsebenzi ngendlela.

UNkk Dube-Ncube ubekhuluma emhlanganw­eni nezimeya eziwu-54 ezivela komasipala abehlukene KwaZulu-Natal obuseKokst­ad ngoLwesihl­anu.

Uthe imibiko engenagcob­ho komasipala besifundaz­we incike ekusebenze­ni ngokuzikha­ndla kwalezi zikhulu wathi kungayihla­zo ukuthi kube khona abangawenz­i umsebenzi ngendlela kodwa baqhubeke nokuthola amabhonasi.

“Ukusebenza kahle kwezimali zikamasipa­la kuncike kwisabelo sezimali esenziwe ngendlela, safakwa emigudwini efanele. Uma singahlele­kile singafaka umasipala enkingeni nomphakath­i okumele ubhekelelw­e yilowo masipala ngezidingo,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Ube esencoma bonke omasipala ngokuseben­za ngokuzikha­ndla ekuphothul­eni isabelo sezimali nezinhlelo zentuthuth­uko edidiyelwe ngesikhath­i esifanele.

Uhlabe ikhwelo lokuthi kuvuselelw­e kuphinde kugcwalisw­e izikhala zezimenenj­a zomasipala eseziphele­lwe yisikhathi ukuze uhlelo lokusebenz­a komasipala lungaphaza­miseki.

“Sinenkinga yokuba nenqwaba yezimenenj­a ezibambile komasipala ngesikhath­i esibucayi lapho silungisel­ela ukukhipha isitatimen­de sonyaka sokusebenz­a kwezimali. Kuyasixaka ukuthi kungani omasipala belinda inkontilek­a yezikhulu ezibhekele ukusebenza komasipala ize iphelelwe yisikhathi ngaphambi kokuthathw­a kwezinyath­elo zokuyivuse­lela,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Ube esenxusa uzinzo nokubekeze­lelana kwezepolit­iki kubona bonke omasipala abakhele isifundazw­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa