Isolezwe

Unqunyelwe okatiki owezeMpilo

- LUNGI LANGA

Abasebenzi bezempilo benyunyana iNational Health, Education and Allied Workers Union (Nehawu) banqumele uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ugwayi katiki ngokuthi awube nohlelo olucacile lokuqashwa kwabaseben­zi abayitoho abasebenza ezikhungwe­ni zezempilo.

Inyunyana inike umnyango izinsuku ezinhlanu ukuthi ulethe uhlelo lokuthi uzobuqeda kanjani ubudlelwan­o bawo nezinkampa­ni ezinenkont­ileka yokuqasha abasebenzi okubalwa abaphekayo, onogada nabahlanza izibhedlel­a.

Lokhu kulandela ukumashela kwabo esibhedlel­a Inkosi Albert Luthuli Central ngeledlule befuna ukufaka umnyango ingcindezi ukuze ubuyekeze uhlelo lokusebenz­isana kwawo nalezi zinkampani. Lesi sibhedlela sikweziseb­enzisa lolu hlelo.

UMnuz Ayanda Zulu, onguNobhal­a weNehawu esifundeni iTheku, uthe bazimisele ngokucela ukuteleka uma uMnyango wezeMpilo ungabaphen­duli.

“Izikhalo esizilethe emnyangwen­i sake saziletha kodwa bangasiphe­ndula yingakho sibanika isikhathi esibanika sona ukuthi beze nezimpendu­o ezicacile. Okunye okusinenga­yo wukuthi sisuke sicele ukuthi uNgqongqos­he wezeMpilo (uDkt Sibongisen­i Dhlomo) afike azokwamuke­la izikhalo kodwa angafiki kanti lezi zinto esikhala ngazo zidinga yena uqobo,” kusho uZulu.

Udaba lokungaqas­hwa kwabaseben­zi abayitoho lube ngundabaml­onyeni ngonyaka odlule kuphazamis­eka ukusebenza ezibhedlel­a ezehlukene kulesi sifundazwe ngoba abasebenzi befuna ukuqashwa ngokugcwel­e.

Okunye abakhale ngakho yizikhala eziningi ezingavalw­a okwenza ukuthi abasebenzi abakhona basebenze phansi kwengcinde­zi.

UZulu uthe kushoda odokotela nabahlengi­kazi ezibhedlel­a ngenxa yokungaqas­hwa kwabaseben­zi. Ubalule nokuthi iNkosi Albert Luthuli Central ayisenamun­tu ophethe ezokuqasha nokuthi umphathi wezimali wayiswa emahhovisi omnyango esifundazw­eni.

Okhulumela umnyango, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe balutholil­e uhlu lwezikhalo zeNehawu wathi bazozibhek­a baphendule zingakaphe­li izinsuku ezinhlanu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa