Kunzima kowesifazane onesimila esiswini
UTHWELE kanzima owesifazane waseHarding ongasakwazi nokuhamba kahle ngenxa yesimila esiswini esivele emuva kokuhlinzwa esibhedlela iPort Shepstone.
UNkk Zibuyile Masabisa (43), obenza umsebenzi wokusika utshani, uthe uphoqeleke ukuthi ayeke umsebenzi ngoba ephazanyiswa yisimila esingaphandle kwesisu asetshelwe ukuthi singaphakathi esiswini.
Uthe inkinga yakhe iqale ngonyaka odlule ngesikhathi ezwa ubuhlungu esibelethweni athe bebuba mandla uma esezinsukwini zakhe.
Uye esibhedlela saseHarding bamhlola bamdlulisela esibhedlela iPort Shepstone ukuze ahlinzwe.
“Ngihlinzwe ngo-Okthoba nyakenye bangasho ukuthi bakhipheni. Nami ngazitshela ukuthi sekuzoba ngcono sengihlinziwe. Ngithukile ngesikhathi umthungo usubhibha ukhombisa ukungapholi. Ngiphindele esibhedlela eHarding bangihlola bathi ngeke bakwazi ukungisiza ngoba umonakalo wenzeke ePort Shepstone,” kusho uNkk Masabisa.
Uthe uphindiselwe ePort Shepstone ngoDisemba baphinda bamhlinza. Uqhube wathi wabikelwa ukuthi kusale okusathawula (i-gauze) esetshenziswa uma kuhlinzwa.
UNkk Masabisa uthe uchazelwe ukuthi ithumbu lake lasikeka ngephutha ngesikhathi ehlinzwa nokuthi lokhu kwenzeke kulungiswa leso simo. Utshelwe ukuthi njengoba esehlinzwa okwesibili kwenzelwa ukukhipha ubovu ne-gauze. Lokhu kwenziwa kodwa waphinde waba nenkinga njengoba isisu sakhe siqhubeka sikhukhumala sesize saba nesimila ngaphandle.
“Ngilokhu ngiya esibhedlela ngithole amaphilisi okuqeda amagciwane nawezinhlungu kodwa angiboni mehluko. Okungiphatha kabi wukuthi sengize ngayeka ukusebenza ngoba angikwazi ukusika utshani ngenxa yesimo engibhekene naso. Nginengane engiyikhulisayo angazi ukuthi inkinga yami izolungiseka nini. Namanje ngitshelwe ukuthi kufanele ngiyohlolwa ukuthi akuwona yini umdlavuza wethumbu yize ngihlolelwe umdlavuza ngoJanuwari kwatholakala ukuthi anginawo. Angazi ukuthi leyo miphumela izophuma ithini,” kusho uNkk Masabisa.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe umthetho ongamele ukusebenza komnyango awubavumeli ukuthi badalule izindaba ezithinta iziguli kwabezindaba. Ukuqinisekisile ukuthi uNkk Masabisa uthola usizo lwezempilo esibhedlela futhi kulindeleke ukuthi abuyele khona ngenyanga ezayo. Uthe iziguli aziye kwabezempilo uma zifuna ukwazi ngokwelashwa kwazo.