Uhlukile kwabaningi unozinti ongase ahlabane
UNOZINTI weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke, usethubeni lokuqopha umlando ngokuba ngunozinti wokuqala ngqa ukudla umklomelo we-Absa Premiership goal of the Season kusukela yasungulwa ngo-1996 iPremier Soccer League (PSL).
Namuhla ebusuku eSandton Convention Centre, eGoli, kulindeleke ukuthi oyedwa phakathi kukaMasuluke oshaye igoli lokulinganisa iBaroka ibhekene ne-Orlando Pirates ngoNovemba 30 nyakenye noSiphiwe Tshabalala weKaizer Chiefs (ngamagoli akhe awashaye ngo-Febhuwari 7 bedlala neFree State Stars nelinye alishaye ngo-Ephreli 29 bedlala neSuperSport United), aqokelwe kulo mklomelo ovotelwa ngabalandeli bebhola eNingizimu Afrika.
Nakuba uMasuluke ebhekwe ukuba aqophe umlando kodwa akazange abe nesizini enhle ngoba ungenelwe ngamagoli awu-27 emidlalweni yeligi ewu-26. Ugxekiwe kakhulu, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana kodwa iBaroka ithi akayi ndawo.
UMorgan Mammila, iChief Executive Officer yeBaroka, usanda kuveza okuningi ngesikhathi evikela uMasuluke ekugxekweni. “Ngeke simyise ndawo lo mfana ngoba konke lokhu asenzela khona uyedwa. Abanye onozinti banabaqeqeshi kodwa thina kuBaroka besingenaye umqeqeshi wonozinti. Ngeke simthwese wonke amaphutha umfana ekubeni nathi sazi ukuthi kukhona esingamniki khona. Kuhle nokho ngoba le sizini ezoqala sizobe sesinaye umqeqeshi wonozinti.”
Kusihlwa kuzobe sekuvela ukuthi yiliphi igoli elithole amavoti amaningi kubalandeli.
Umcimbi uzokhonjiswa bukhoma kwiSS4 nakwi-SABC1 ngo-9 ebusuku.