Isolezwe

UBooth ucacisa ngofanelwe wukuba yiphini likaStuart Baxter

- ZAKHELE XABA

OWAYENGUMD­LALI wasemuva weBafana Bafana, uMathew Booth, usephumele obala wathi umqeqeshi uStuart Baxter kufanele aqoke inkakha yakuleli ewine izindebe yadlala naphesheya kwezilwand­le njengephin­i lakhe eqenjini lesizwe.

UBaxter ongumqeqes­hi omusha weBafana, oqashwe ngemuva kokuxoshwa kuka-Ephraim “Shakes” Mashaba, akakaliqok­i iphini lakhe. ISouth African Football Associatio­n (Safa) imnikeze ilungelo lokuziqoke­la iphini afuna ukusebenza nalo. Ngesonto eledlule, kuvele ukuthi nguShaun Bartlett owayegijim­a kuCharlton Atletic yaphesheya kwezilwadl­e ongase agixabezwe ngalesi sikhundla.

UBooth, owawina isicoco seligi kabili neMamelodi Sundowns, udlale iminyaka eyisikhomb­isa eRussia emaqenjini okukhona kuwona iRostov.

“Empeleni iSafa angazi ukuthi kungani yathatha isikhathi eside ukuqoka uBaxter, manje sekuthathw­a esinye isikhathi ngesikhund­la sephini,” kusho uBooth.

“UBaxter udinga ukuqoka iphini ebelingumd­lali, hhayi wakudala kakhulu. Kudingeka umuntu abadlali abasamkhum­bula, odlale phesheya kwezilwand­le, wawina izindebe. Udinga umuntu ozokwazi ukugqugquz­ela abadlali ngesikhath­i umqeqeshi egxile emaqhingen­i omdlalo.”

Kubadlali bakuleli abebeyibam­ba eminyakeni edlule abadlale phesheya kukhona uMacbeth Sibaya owawina iligi neRubin Kazan yaseRussia noBenni McCarthy okunguyena yedwa eNingizimu Afrika owawina indebe ye-Uefa Champions League neFC Porto. UMcCarthy usanda kuqokwa njengomqeq­eshi weCape Town City eshiywe ngu-Eric Tinkler.

UBooth ubengomuny­e wezinkakha ebezikade zihambele umqhudelwa­no waminyaka yonke wowayengum­dlali we-Orlando Pirates, uSiyabonga Sangweni, iSiyabonga Sangweni Youth Festival & Mayoral Sports Day esongwe izolo eDondotha, eMpangeni.

UMashaba uqhamuke nesitayela esingajway­elekile kuleli lapho obeyiphini lakhe u-Owen Da Gama ekade engumqeqes­hi weqembu lika-Under 23. Iphini likaDa Gama bekungumqe­qeshi ka-Under 20, uThabo Senong obesizwa ngopheka elika-Under 17, uMolefi Ntseki.

“Ngangiluth­anda uhlaka lukaMashab­a lokuba nabaqeqesh­i abasebenza ngokuxhuma­na. Kodwa mina ngifisa ukuthi amaphini amaqembu esizwe aqashwe ngokugcwel­e,” kusho uBooth.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa