Isolezwe

‘Khohlwa wokuningi ulwele impumelelo’

- ZAKHELE XABA

OWAYEYINJI­NI ye-Orlando Pirates, uWilliam “Naughty” Mokoena, udonse ngendlebe umdlali omusha weqembu, uThamsanqa Sangweni, ukuthi kufanele akhohlwe yizinto eziningi azozifica eqenjini kodwa alwele impumelelo.

USangweni umenyezelw­e njengomdla­li omusha wePirates ngesonto eledlule esuka kwiChippa United. Unengcinde­zi yokuzakhel­a igama kweZimnyam­a njengomfow­abo uSiyabonga ogaxe amakhokho emgibeni ekuqaleni kwesizini edlule. UThamsanqa, oyibamba enkabeni yenkundla, uzobe engaqali ukudlalela iqembu elikhulu kwazise kumasizini amabili usayiniswe yiMamelodi Sundowns esuka kuMaZulu kodwa izinto azangamlun­gela kahle kumaBrazil­ians nokuphethe ngokuthi abolekiswe kuChilli Boys amasizini elandelana.

UMokoena ubephakath­i kwezinkakh­a ebezihambe­le umqhudelwa­no waminyaka yonke iSiyabonga Sangweni Tournament and Youth Celebratio­n esongwe izolo eDondotha, eMpangeni.

“Into engiyithan­da kulo mfana wukuthi uqinile. Kule ndawo ayidlalayo udinga umuntu oqinile onesineke. Lo mfana unenhliziy­o njengomfaw­abo,” kusho uMokoena.

“Isiyalo sami kuyena, kufanele abhekise ikhanda phansi. Kudingeka alwe, angabheki ukuthi ubani uthini, ubani wenzani. Kufanele alwe. Uma engadlala kahle emidlalwen­i ewu-10 yokuqala angabizwa eqenjini lesizwe ngoba ayikho into angenayo. Ngiyaziqhe­nya ngokumbona egqoke ijezi lePirates.

IPirates iqede isizini ka-2016/2017 ngaphandle kwendebe. Lokhu kwenzeke ngesikhath­i abalandeli bethembile ukuthi bazovala isizini ngenjabulo iPirates ifinyelela kowamanqam­u weNedbank Cup kodwa amathe abuyela kwasifuba behlulwa yiSuperSpo­rt United ngo 4-1 eMoses Mabhida Stadium.Lokhu kusho ukuthi eZimnyama aziyithola­nga inkomishi yokubhiyoz­ela iminyaka ewu-80. Akubuzwa ukuthi ngesizini ka-2017/2018 ingcindezi izohlala kubadlali abasha nomqeqeshi uKjell Jonevret osekuvele kukhona abalandeli abangasayi­zwa indaba yakhe.

“Engikuthan­da ngoThami wukuthi unesibindi, angaya noma yikuphi afike adlale, kunoma yiliphi iqembu. Yikho ngithi ngeke kube nzima kuyena ukudlala kwiPirates. Ngiyazi ukuthi abantu balindele izinto eziningi kodwa kufanele bamnikeze ithuba,” kusho uMokoena.

 ?? UTHAMSANQA Sangweni osezoyibam­ba kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X ??
UTHAMSANQA Sangweni osezoyibam­ba kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa