Usuthu lusafuna abanye abadlali
ASEBHEKE ukuthola umgadli ongalibheki ipali nomdlali oyibamba ngakwesokunxele emuva AmaZulu FC asezogijima ku-Absa Premiership ngesizini ezayo.
Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguLunga Sokhela oyimenenja jikelele yoSuthu.
Leli qembu lithenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokudlala ku-Absa Premiership ngemuva kokuthi ibe ngompetha beNational First Division (NFD) ngesizini edlule.
Usuthu selusayinise uJabulani Ncobeni, Sduduzo Dlamini, Siyabonga Mbatha, Sadat OuroAkoriko noSiyethemba Mnguni.
Maduze kubhekwe ukuthi luqede konke noMhlengi Cele no-Ayabulela Konqobe bobabili abakwiRichards Bay FC.
“Iqembu lethu liqinile njengamanje. Abadlali esibasayinile siyethemba bazokwenza umehluko eqenjini. Indawo esesibheke ukuyiqinisa manje yisemuva naphambili. Sifuna umgadli nomdlali oyibamba ngakwesokunxele emuva. Uma singathola labo badlali kungabe sesiqedile. IRichards Bay FC sisaxoxa nayo ngoMhlengi noKonqobe,” kusho uSokhela.
UJoey Antipas uzoqhubeka nokuqeqesha Usuthu ngesizini ezayo.Leli qembu ligcine inqwaba yabadlali ebeligijima ngabo kuNFD ngesizini edlule. Phakathi kwabadlali ababuyile kukhona uSiyabonga “Bhele” Nomvete, Mabhudi Khenyeza, Mbongeni “Shoes” Gumede noThapelo Nyongo.
Usuthu luzobonakala okokuqala kwiKZN Premier’s Cup eseRichards Bay ngempelasonto kaJulayi 22 bese kuthi ngesonto elilandelayo ludlale kwiPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup esoLundi ngempelasonto kaJulayi 28.
UBongi Ntuli osemabhukwini eMamelodi Sundowns nguyena okuvela ukuthi ufunwa AmaZulu.
Kula masizini amabili adlule uNtuli ubebolekiswe kwiPlatinum Stars. ISundowns kulindeleke ukuthi ithathe isinqumo ngaye maduze.
UNtuli uke wabolekiswa oSuthwini ngesikhathi ligawulwa yizembe kumasizini amabili adlule.
ISundowns ayikacacisi ngoNtuli kwazise ngeke ikwazi ukumbhalisa kwiCaf Champions League uma imbuyisa ngoba ubedlala kwiCaf Confederation Cup neDikwena.