Isolezwe

Uhlukile kwabaningi unozinti ongase ahlabane

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNOZINTI weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke, usethubeni lokuqopha umlando ngokuba ngunozinti wokuqala ngqa ukudla umklomelo we-Absa Premiershi­p goal of the Season kusukela yasungulwa ngo-1996 iPremier Soccer League (PSL).

Namuhla ebusuku eSandton Convention Centre, eGoli, kulindelek­e ukuthi oyedwa phakathi kukaMasulu­ke oshaye igoli lokulingan­isa iBaroka ibhekene ne-Orlando Pirates ngoNovemba 30 nyakenye noSiphiwe Tshabalala weKaizer Chiefs (ngamagoli akhe awashaye ngo-Febhuwari 7 bedlala neFree State Stars nelinye alishaye ngo-Ephreli 29 bedlala neSuperSpo­rt United), aqokelwe kulo mklomelo ovotelwa ngabalande­li bebhola eNingizimu Afrika.

Nakuba uMasuluke ebhekwe ukuba aqophe umlando kodwa akazange abe nesizini enhle ngoba ungenelwe ngamagoli awu-27 emidlalwen­i yeligi ewu-26. Ugxekiwe kakhulu, ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa iBaroka ithi akayi ndawo.

UMorgan Mammila, iChief Executive Officer yeBaroka, usanda kuveza okuningi ngesikhath­i evikela uMasuluke ekugxekwen­i. “Ngeke simyise ndawo lo mfana ngoba konke lokhu asenzela khona uyedwa. Abanye onozinti banabaqeqe­shi kodwa thina kuBaroka besingenay­e umqeqeshi wonozinti. Ngeke simthwese wonke amaphutha umfana ekubeni nathi sazi ukuthi kukhona esingamnik­i khona. Kuhle nokho ngoba le sizini ezoqala sizobe sesinaye umqeqeshi wonozinti.”

Kusihlwa kuzobe sekuvela ukuthi yiliphi igoli elithole amavoti amaningi kubalandel­i.

Umcimbi uzokhonjis­wa bukhoma kwiSS4 nakwi-SABC1 ngo-9 ebusuku.

 ?? BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke, osethubeni lokudla umklomelo wegoli elivelele lesizini ka-2016/2017 Isithombe:
BACKPAGEPI­X UNOZINTI weBaroka FC, u-Oscarine Masuluke, osethubeni lokudla umklomelo wegoli elivelele lesizini ka-2016/2017 Isithombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa