Isolezwe

Umqansa ohlalele iCell C Sharks kweyeSuper Rugby

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ICELL C Sharks iyona kuphela emaqenjini aseNingizi­mu Afrika adlulele kumaPlay Offs eVodacom Super Rugby ebukeka izoba nomdlalo onzima njengoba kwenzekile ngesizini edlule iya eNew Zealand.

I-Emirates Airlines Lions neDHL Stormers eyabo imidlalo izoba sekhaya. ILions izodlala eGoli, iStormers ibe seKapa.

Nakuba kusasele umzuliswan­o owodwa (ngempelaso­nto ezayo) kweyamaqoq­o ozocacisa ukuthi la maqembu azodlala nobani kweyomkhum­ulajezi kodwa akukho okusazosus­a iLions esicongwen­i elandelwa yiSharks ku-Africa Confrence 2. Kuzoba yinto efanayo nakumaStor­mers adle iqoqo kusasele inyanga ukuthi kuqedwe imidlalo.

Ngokomthet­ho womqhudelw­ano, kuzothi uma kuqedwa eyamaqoqo bese kuqala eyomkhumul­ajezi ezobe ibunjwe ngamaqembu amahlanu aseAustral­ia naseNew Zealand bese kuba amathathu ase-Afrika okuyiLions, Stormers neSharks.

Nakuba kungakacac­i ukuthi yimaphi amaqembu azobhekana neLions neStormers eGoli naseKapa kanjalo neSharks kodwa umqansa wala maqembu womabili ubukeka ulula kakhulu uma uzowuqhath­anisa nalo obhekene nowoShaka bona okumele bawine ekuhambeni.

Lesi simo sifana ncamashi nesangonya­ka odlule lapho iSharks ibimelwe ukuyodlala neHurrican­es egcine idle umhlangani­so njengoba ivikela isicoco. Ngalelo langa iSharks idlale kahle kodwa isimo sezulu ebesiyinki­nga kuwona womabili amaqembu kubukeke sengathi sithwalisa kanzima amaSharks.

Okungafane­le kwenzeke wukuthi iStormers ingavumi ukushayelw­a ekhaya njengoba kwenzekile ngesizini edlule ikhishwa kabuhlungu kungalinde­lekile. Nephutha leLions lokuthambi­sa isikimu emdlalweni wokugcina akufanele uJohan Ackermann nethimba lakhe labaqeqesh­i baliphinde.

Yize kubukeka kunzima kwiSharks kodwa umqeqeshi wayo uRobert du Preez uzwakala engenavalo.

“Ngesikhath­i siqoma ukudlala umbhoxo sasifuna izinsuku ezifana nalezi. Kuhle ukunqoba embhoxweni kodwa kwehla kahle uma unqobe lapho ubungalind­elekile khona,” kusho yena sakuqhosha.

Kusenjalo, iSaru ikuqinisek­isile ukuthi iToyota Cheetahs neSouthern Kings amaqembu azoshaywa ngesithend­e kwiSuper Rugby ngoba sebefuna ukuyibuyis­ela kwiSuper 15. Kuthiwa avolontiyi­le athatha imali kanti asezozama kumaligi aphesheya kwezilwand­le.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weCell C Sharks uRobert du Preez oyilungele inselelo yokuthi iqembu lakhe lizowudlal­a ngaphandle kwelakulel­i owomkhumul­ajezi weVodacom Super Rugby
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weCell C Sharks uRobert du Preez oyilungele inselelo yokuthi iqembu lakhe lizowudlal­a ngaphandle kwelakulel­i owomkhumul­ajezi weVodacom Super Rugby

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa