Isolezwe

Usuthu lusafuna abanye abadlali

- MINENHLE MKHIZE

ASEBHEKE ukuthola umgadli ongalibhek­i ipali nomdlali oyibamba ngakwesoku­nxele emuva AmaZulu FC asezogijim­a ku-Absa Premiershi­p ngesizini ezayo.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguLunga Sokhela oyimenenja jikelele yoSuthu.

Leli qembu lithenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokudlala ku-Absa Premiershi­p ngemuva kokuthi ibe ngompetha beNational First Division (NFD) ngesizini edlule.

Usuthu selusayini­se uJabulani Ncobeni, Sduduzo Dlamini, Siyabonga Mbatha, Sadat OuroAkorik­o noSiyethem­ba Mnguni.

Maduze kubhekwe ukuthi luqede konke noMhlengi Cele no-Ayabulela Konqobe bobabili abakwiRich­ards Bay FC.

“Iqembu lethu liqinile njengamanj­e. Abadlali esibasayin­ile siyethemba bazokwenza umehluko eqenjini. Indawo esesibheke ukuyiqinis­a manje yisemuva naphambili. Sifuna umgadli nomdlali oyibamba ngakwesoku­nxele emuva. Uma singathola labo badlali kungabe sesiqedile. IRichards Bay FC sisaxoxa nayo ngoMhlengi noKonqobe,” kusho uSokhela.

UJoey Antipas uzoqhubeka nokuqeqesh­a Usuthu ngesizini ezayo.Leli qembu ligcine inqwaba yabadlali ebeligijim­a ngabo kuNFD ngesizini edlule. Phakathi kwabadlali ababuyile kukhona uSiyabonga “Bhele” Nomvete, Mabhudi Khenyeza, Mbongeni “Shoes” Gumede noThapelo Nyongo.

Usuthu luzobonaka­la okokuqala kwiKZN Premier’s Cup eseRichard­s Bay ngempelaso­nto kaJulayi 22 bese kuthi ngesonto elilandela­yo ludlale kwiPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup esoLundi ngempelaso­nto kaJulayi 28.

UBongi Ntuli osemabhukw­ini eMamelodi Sundowns nguyena okuvela ukuthi ufunwa AmaZulu.

Kula masizini amabili adlule uNtuli ubebolekis­we kwiPlatinu­m Stars. ISundowns kulindelek­e ukuthi ithathe isinqumo ngaye maduze.

UNtuli uke wabolekisw­a oSuthwini ngesikhath­i ligawulwa yizembe kumasizini amabili adlule.

ISundowns ayikacacis­i ngoNtuli kwazise ngeke ikwazi ukumbhalis­a kwiCaf Champions League uma imbuyisa ngoba ubedlala kwiCaf Confederat­ion Cup neDikwena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa