UBrockie usazohlala kwiSuperSport
UMGADLI weSuperSport United uJeremy Brockie akayizwa eyokushiya Amatsatsantsa A Pitori ajoyine omakhelwane iMamelodi Sundowns okuvela ukuthi bamfuna uthuli. UBrockie (29) uvutha engabaselwe kwiCaf Confederation Cup. Njengamanje lo mgadli waseNew Zealand nguyena ozihola phambili ngamagoli kulo mqhudelwano. Usebhakuzise enethini amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni yeConfederation Cup. Ngempelasonto uhlohle amagoli amabili ezakhe zibhudluza iFC Mounana ngo 4-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo eCaf Confederation Cup obuseLucas Moripe Stadium, eTshwane. Abanye abashaye amagoli e-United kulo mdlalo kube nguBradley Grobler noThabo Mnyamane.
EzikaBrockie sezizobhekana neZesco United yaseZambia ekhaya nasekuhambeni kumaquarterfinal eCaf Confederation Cup aqala ngoSepthemba.
I-United engazange ivale njengoba kuvalwe isizini ye-Absa Premiership inikeze abadlali bayo ikhefu lamasonto amabili.
Exoxa neSolezwe ngemuva komdlalo, uBrockie ulimise ngesihloko elokuthi akaziboni eshiya kuSuperSport.
“Ngisalelwe amasizini amabili esivumelwaneni enginaso neSuperSport. Ngisajabule lapha engikhona. Isifiso sami wukunqoba iConfederation Cup ngoba ngesikhathi ngifika kuleli ngakubeka kwacaca ukuthi ngikulambele ukugijima emiqhudelwaneni yase-Afrika. Yebo ngingabathembisa abalandeli beSuperSport ukuthi ngesizini ezayo ngizobe ngisagqoke yona imibala e-blue yeSuperSport. Kunomsebenzi ongaphelile lapha kwiSuperSport. Ngisafuna ukuwina iligi naleli qembu,” kusho uBrockie ngemuva komdlalo.
Imenenja yakhe uMike Makaab ibuzwa ngamaqembu afuna uBrockie, ithe: “Yize umdlali esenenkontileka ne-United kodwa ayimnqabele ukukhuluma namanye amaqembu kodwa kuyomele kube iqembu elizoqhamuka nesicelo esiconsisa amathe impela ukuze imdedele umdlali.”
Ngesizini edlule uBrockie uhluleke wancama ukudla umhlanganiso emklomelweni womgadli oshaye amagoli amaningi emidlalweni ye-Absa Premiership njengoba esezihola phambili kwiConfed Cup. Ugcine eshaye amagoli ayisishiyagalombili kwiligi. ULebogang Manyama weCape Town City nguyena ohambe phambili ngawu-13.
“Ngijabule ukuthi sikwazile ukudlulela esigabeni esilandelayo. Nginethemba lokuthi esigabeni somkhumulajezi ngizokwazi ukwengeza isibalo sami samagoli. Njengoba sinethuba lokudlala imidlalo eyisithupha uma singafinyelela kowamanqamu ngicabanga ukuthi ngisengakwazi ukuthola amanye amagoli amane noma ayisithupha,” kusho uBrockie.
UBrockie ungomunye wabaphume namagoli ngesikhathi i-United ibhudluza i-Orlando Pirates ngo 4-1 kowamanqamu eNedbank Cup.
“Ngingumgadli ohlale egcwele ukuzethemba njalo uma engena enkundleni. Kwesinye isikhathi izinsuku ziyakuphika kodwa ukuzethemba yinto engingashodi ngayo. Yize kungabamnandi ukunqoba umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kodwa into engangijabulisa kakhulu wukubona iqembu linqoba lo mqhudelwano. Imiklomelo etholwa ngabadlali ngabodwana iza kamuva lapha kimina. Iqembu yilona eliza phambili,” kuphetha uBrockie.