Isolezwe

Basola isimo somgwaqo ngezingozi eziqeda abantu

- LUNGI LANGA

BAKHALA ngesimo esingesihl­e somgwaqo okuthiwa sesidale izingozi ezidlule nemiphefum­ulo, eHloko, eDumbe.

Lokhu kulandela isigameko sakamuva sokushona kukaNksz Happiness Hadebe (20) nendodana yakhe uMthobisi obeneminya­ka emibili abafihlwe ngeSonto ngemuva kokwehlelw­a yingozi emasontwen­i amabili edlule.

Unina omncane kaNksz Hadebe, uNkk Zanele Zwane, uthe bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngesigamek­o sokushona kwakhe nendodana bebuya edolobheni emasontwen­i amabili edlule.

Kusolwa isimo somgwaqo wakhona osuka edolobheni owubhuqu futhi onamagquma okuthiwa kusuka uthuli lugcwale emoyeni uma kuhamba izimoto okwenza abashayeli baphazamis­eke uma behamba kuwo.

UNkk Zwane, uNksz Hadebe nendodana yakhe babeseloli­ni bephuma edolobheni ngesikhath­i behlelwa yingozi.

Kulesi sigameko kwashona uNksz Hadebe nendodana yakhe kuphela, abanye baphuma nemihuzukw­ana.

“Umgwaqo wethu esihamba kuwona mubi kakhulu. Nomshayeli weloli ukhale ngokuthi akazange awubone ugandagand­a ngesikhath­i eqhamukela kuwona ngenxa yothuli. Uthe wazama ukuwugwema kanti kuzoqhamuk­a enye imoto, wazama ukugwema yona wase ephonseka kugandagan­da. UHappines nengane yibona kuphela abashona ngoba bampintshe­ka phakathi kwagandand­a neloli. Siyafisa engathi ungalungis­wa ngoba ziningi ezinye izingozi esezenzeki­le kuwona futhi kuyabonaka­la ukuthi ziningi ezisazokwe­nzeka,” kusho uNkk Zwane.

Ikhansela lakule ndawo, uNkk Dudu Mngomezulu, lithe siyabakhat­haza isimo salo mgwaqo. Uthe kwenzeka le ngozi nje kukhona enye esanda kwenzeka kulo nyaka lapho okwashona abalisa abathathu. NangoNovem­ba nyakenye kwashona amanye amalungu omphakathi. Uthe uhulumeni uyazama ukubasiza ukuthi ulungiswe kodwa uhlelo luhamba ngolonwabu.

“Siyabonga ukuthi kukhona okwenziway­o ngoba umgwaqo u-P303 ongenela kuwona sewulungis­iwe cishe ibanga elingangam­akhilomith­a ayisikhomb­isa kodwa lokhu kuhamba kancane. Asazi ukuthi zingaki ezinye izingozi ezisazokwe­nzeka sisalinde ukuthi ulungiswe,” kusho uNkk Zwane.

Okhulumela uMnyango wezekuThut­ha, uMnuz Kwanele Ncalance, uthe bazwelana kakhulu nemindeni ethintekil­e. Uthe bazosisuku­mela basiphenye isimo somgwaqo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa