Basola isimo somgwaqo ngezingozi eziqeda abantu
BAKHALA ngesimo esingesihle somgwaqo okuthiwa sesidale izingozi ezidlule nemiphefumulo, eHloko, eDumbe.
Lokhu kulandela isigameko sakamuva sokushona kukaNksz Happiness Hadebe (20) nendodana yakhe uMthobisi obeneminyaka emibili abafihlwe ngeSonto ngemuva kokwehlelwa yingozi emasontweni amabili edlule.
Unina omncane kaNksz Hadebe, uNkk Zanele Zwane, uthe bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngesigameko sokushona kwakhe nendodana bebuya edolobheni emasontweni amabili edlule.
Kusolwa isimo somgwaqo wakhona osuka edolobheni owubhuqu futhi onamagquma okuthiwa kusuka uthuli lugcwale emoyeni uma kuhamba izimoto okwenza abashayeli baphazamiseke uma behamba kuwo.
UNkk Zwane, uNksz Hadebe nendodana yakhe babeselolini bephuma edolobheni ngesikhathi behlelwa yingozi.
Kulesi sigameko kwashona uNksz Hadebe nendodana yakhe kuphela, abanye baphuma nemihuzukwana.
“Umgwaqo wethu esihamba kuwona mubi kakhulu. Nomshayeli weloli ukhale ngokuthi akazange awubone ugandaganda ngesikhathi eqhamukela kuwona ngenxa yothuli. Uthe wazama ukuwugwema kanti kuzoqhamuka enye imoto, wazama ukugwema yona wase ephonseka kugandaganda. UHappines nengane yibona kuphela abashona ngoba bampintsheka phakathi kwagandanda neloli. Siyafisa engathi ungalungiswa ngoba ziningi ezinye izingozi esezenzekile kuwona futhi kuyabonakala ukuthi ziningi ezisazokwenzeka,” kusho uNkk Zwane.
Ikhansela lakule ndawo, uNkk Dudu Mngomezulu, lithe siyabakhathaza isimo salo mgwaqo. Uthe kwenzeka le ngozi nje kukhona enye esanda kwenzeka kulo nyaka lapho okwashona abalisa abathathu. NangoNovemba nyakenye kwashona amanye amalungu omphakathi. Uthe uhulumeni uyazama ukubasiza ukuthi ulungiswe kodwa uhlelo luhamba ngolonwabu.
“Siyabonga ukuthi kukhona okwenziwayo ngoba umgwaqo u-P303 ongenela kuwona sewulungisiwe cishe ibanga elingangamakhilomitha ayisikhombisa kodwa lokhu kuhamba kancane. Asazi ukuthi zingaki ezinye izingozi ezisazokwenzeka sisalinde ukuthi ulungiswe,” kusho uNkk Zwane.
Okhulumela uMnyango wezekuThutha, uMnuz Kwanele Ncalance, uthe bazwelana kakhulu nemindeni ethintekile. Uthe bazosisukumela basiphenye isimo somgwaqo.