‘Ngifuna adlubhe inombolo yasekhaya’
OWAYENGUKAPUTENI we-Orlando Pirates, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, ufisa ukuthi umfowabo uThamsanqa, athathe “inombolo yasekhaya” kweZimnyama.
UThamsanqa, obeyibamba enkabeni yenkundla kwiChippa United, umenyezelwe njengomdlali omusha wePirates ngesonto eledlule. Lokhu kwenzeke emuva kwesizini uSiyabonga ephanyeke amakhokho emgibeni. Lezi zelamani ziyaziwa ngokubeletha unombolo 21 kuwona wonke amaqembu ezidlale kuwona. USiyabonga uyibambe kwiLamontville Golden Arrows ngaphambi kokusayina kwiPirates afike waqhakaza kuyona. UThamsanqa uzakhele igama kuMaZulu FC ngaphambi kokufudukela kwiMamelodi Sundowns. Nokho izinto azimlungelanga nokugcine ngokuthi abolekiswe kwiChippa izikhawu.
USiyabonga ubekhuluma ngesikhathi ehlele umqhudelwano owaziwa ngeSiyabonga Sangweni Youth Festival & Mayoral Cup esongwe ngesonto ntambama eDondotha, eMpangeni. Lo mqhudelwano uhlanganisa ezemidlalo ezehlukene ezihambisana nomculo nemfashini. Abadle umhlanganiso kube yiTornado yasoShwashwini ehlule Ikhono FC ngo 1-0 kowamanqamu yazitholela u-R30 000, ijezi, izindondo namabhola.
USiyabonga uthe umfowabo uyakwazi akuyele eGoli.
“UThami uyazi naye ukuthi inqubo yasekhaya ithini. Ukuziphatha iyona nto ebalulekile nokuzihlonipha wena. Njengoba eya eGoli uyazi ukuthi uyokwenzani nokuthi usukeleni lapha ekhaya. Uma ehluleka uzobuya azohlala nathi lapha ekhaya. Ngiyayibona impumelelo kodwa ilele kuyena,” kusho uSiyabonga.
“Njengomndeni sijabule kakhulu ngoba liyakhula igama. Yikho ngithi yonke into isilele kuyena, nabezayo uyena ozokwenza ukuthi kube lula kubona.”
KwiPirates uThamsanqa kufanele axoxe noPatrick Phungwayo othathe ijezi elingunombolo-21 emuva kokuhamba kukaNsimbi.
“Leyo namba iyaziwa ukuthi eyakwaSangweni, sekungenzeka nje phela iphutha. Kodwa khona kufanele eyifakile,” kusho uSiyabonga.
Mayelana nomqhudelwano wakhe uthe: “Ngibona ukhula kakhulu ngoba kwenziwa izinto ezehlukene. Kufanele intsha ibone ukuthi ingaphumelela nakwezinye izinto ngaphandle kwebhola.”