Isolezwe

Ezithinta umjaho iDundee July

- NOKUBONGWA PHENYANE

IHHASHI elizodla umhlangani­so kulo nyaka kwiDundee July, lizohamba nemali engu-R570 000. Lokhu kuvezwe uMthobisi Makhathini okhulumela uMnyango wamaSiko namaCiko, KwaZulu- Natal.

Uthe umcimbi walo nyaka uzoqala ngoLwesihl­anu lapho kuzoba nohambo emigwaqwen­i yaseDundee.

“Ngo-9 ekuseni ngoLwesihl­anu kuzohanjel­wa amalokishi ahlukene kukhonjisw­a ngamasiko ahlukene. Kuzoyiwa eSithembil­e, Glencoe Town, Forestdale nasePeacev­ale kunxuswa abantu ukuthi baye emjahweni,” kusho uMakhathin­i.

Uthe ngoMgqibel­o kuzoba nemijaho eyisishiya­galombili yamahhashi nokuzothi owodwa kuwo kube ngowabesif­azane.

“Maphakathi nemijaho kuzobe kukhonjisw­a ngemfashin­i ehlukene ethungwe ngabathung­i bendawo. Neminye imicimbi yobumnandi ehambisana nalo mjaho iyoqala ngoLwesihl­anu,” kusho uMakhathin­i. Uma sekugoqwa umcimbi uthe kuyoba nedili lomculo elibophele abaculi abadumile. “Abantu bayozitika ngomculo. UNgqongqos­he walo mnyango, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe uthemba ukuthi ngomcimbi kuzozuza kakhulu abantu abazobe bedayisa nezindawo zokulala kwabasuka kude,” kuchaza yena.

Uthe ngalo mcimbi nje sekukhona izinhlelo zokufundis­a intsha ngokunakek­ela amahhashi.

Kubaculi abazonandi­sa kuNoma Khumalo, Mfezemnyam­a, Mokotjo, Andile KaMajola, Zandre, DJ Mngadi, DJ Gukwa, Duncan, DJ Happy Gal, Naima Kay, Babes Wodumo, Tzozo, Bullistic, DJ Nko, Sosha, Sgwili nabalingis­i beSibaya.

UPhumlani Dube owayengums­akazi uzokhuluma nabantu abahlukene ngendlela abazobe begqoke ngayo ehamba kukhapheth­i obomvu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: INSTAGRAM ?? DJ HAPPY GAL THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza...
Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: INSTAGRAM DJ HAPPY GAL THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa