Isolezwe

Isililo ngokushona kobeneqhaz­a kwiSoul Brothers

- CHARLES KHUZWAYO

IZINGWAZI zomculo wombhaqang­a iSoul Brothers zikhala ezimathons­i ngokudlula emhlabeni kweciko elabamba iqhaza empumelelw­eni yeqembu, uBethuel “Ngubs’ Ngubane.

Umsunguli woGandagan­da BaseNingiz­imu Afrika (okuyigama okuteketis­wa ngalo iSoul Brothers) uMoses ‘Black Moses’ Ngwenya uthe bafe olwembiza ngokushona kukaNguban­e (61) njengoba ebewumgogo­dla futhi kunguye obehlelela leli qembu imicimbi kuleli. Umufi ushonele esibhedlel­a iCharlotte Mxeke eGoli ngoMgqibel­o ngemuva kokungenis­wa khona exinwe yizinso. “Siqale ukusebenzi­sana naye kusukela ngeminyaka yo-1980. “Uyena obesihlele­la imicimbi, eyofaka nezikhangi­so kulezo zindawo ebesisuke sizocula kuzo. “Khona silimele kakhulu,” kusho uBlack Moses. UBlack Moses uthe beyiSoul Brothers bazobe beduduza izithameli ngezingoma zabo emngcwaben­i kaNgubane ozobe usoBanjeni eMthunzini ngalo Mgqibelo kusukela ngo-9 ekuseni.

Okhulumela umndeni kamufi uMnuz Paul Zikhali uthe uNgubane ubesenesik­hathi egula kodwa ehamba nakho.

“Ubephromot­ha imicimbi futhi abuye aphrojuse abaculi okukhona kubo nomculi we-Afro soul uBerita nabakamask­andi,” kusho uZikhali.

Uthe namhlanje kuzoba nenkonzo yesikhumbu­zo eKopanong Hall, ekhoneni likaLuthul­i noMain Street eDobsonvil­le eSoweto.

Enye ingwazi ekhale ezimathons­i ngokushona kukaNguban­e, yimbongi uMzwakhe ‘The People’s Poet’ Mbuli ethe inhliziyo yayo ibuhlungu futhi akuvumi ukuba ikwamukele ukuthi leli qhawe alisekho njengoba libe namagalelo amakhulu emculweni wakuleli.

UNgubane usebenze kakhulu nezinkampa­ni okubalwa kuzona o-EMI Music, Tusk MusicneBMG Records.

UNgubane wabuye wasebenza kakhulu nabaculi okubalwa kubona uLucky Dube naMahotell­a Queens.

Ngaphandle kwalokho ubebuye anikele ngezinsimb­i emingcwabe­ni yosaziwayo okukhona kubo uLucky Dube, David Masondo kanye nabanye abaningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa